Nuusflits: Bestuur Tye van Krisis en Geleenthede
November 21, 2024
Nuusflits: Bestuur Tye van Krisis en Geleenthede
November 21, 2024

Resources

Navigating Times of Crisis & Opportunity

UKUBHEKANA NEZIKHATHI ZEZINKINGA NAMATHUBA

As Christians and leaders, we are not just spectators but active participants in shaping the world. It is important for us to speak up and pray for our country’s stability and growth. Let us continue lifting South Africa up in prayer, asking for wisdom, peace, better services, a strong economy, and unity.

Today’s world faces many challenges. Politically nations struggle with instability, internal conflicts, and rising global tensions. Economically, people are dealing with inflation, job insecurity, higher living costs, and the lingering effects of war and the pandemic. Climate change brings extreme weather - floods, droughts, and wildfires - demanding urgent action.

Spiritually, people are searching for hope and meaning, some finding comfort in their faith, while others feel lost or disconnected. These are tough times, but they are also moments of opportunity -opportunities to seek solutions, offer hope, and make a positive difference in an uncertain world. May God help us to see and make use of the opportunities presented to us to touch the lives of people and build His Kingdom.

NjengamaKristu nabaholi, kasizona nje izibukeli kodwa singabahlanganyeli abakhuthele ekwakheni isizwe. Kubalulekile ukuthi siphawule ngezinto ezenzeka ezweni lethu futhi sithandazele uzinzo, nokukhula kwempilo kwezwe lethu. Masiqhubeke sibeke izwe lethu, iNingizimu Afrika emithandazweni, siyicelele ukuhlakanipha, ukuthula, ukuhlinzekwa ngezinkonzo zezidingo-ngqangi ezingcono, umnotho oqinile, nobunye.

Izwe esiphila kulo namuhla libhekene nezinselele eziningi. Ngakwezombangazwe amazwe abhekene nokuswela uzinzo, izingxabano zangaphakathi nokwanda kwezimo ezishubile emhlabeni wonkana. Ngakwezomnotho, abantu babhekene nokwehla kwamandla emali, ukuntuleka kwemisebenzi, izindleko zokuphila eziphezulu, kanye nemithelela yezimpi nobhubhane lwezifo. Ukuguquka kwesimo sezulu kuletha isimo sezulu esingabekezeleki—izikhukhula, isomiso, nemililo yequbula – okuyizimo ezidinga izinyathelo eziphuthumayo.

Ngakwezikamoya, abantu bafuna ukuba nethemba lengomuso nokuqondisisa izimo. Abanye bathola induduzo okholweni lwabo, kanti abanye bazizwa belahlekile noma bebodwana. Lezi izikhathi ezinzima, ngakolunye uhlangothi ziyizikhathi zamathuba -amathuba okufuna izixazululo, ukunikezelana ngethemba, nokwenza umehluko omuhle emhlabeni obonakala unokungabaza ngekusasa. Kwangathi uNkulunkulu angasisiza ukuthi sibone futhi sisebenzise amathuba esiwanikezwayo ukuze sibe neqhaza ekuphileni kwabantu futhi sakhe uMbuso waKhe.

AFM Welfare Weekend: Faith in Action

IMPELASONTO YOMNYANGO WEZENHLALAKAHLE KWIBANDLA LE-AFM : UKHOLO OLUNEZENZO!

Planning is underway for the 2024 AFM Welfare Weekend, scheduled annually on the AFM of SA Calendar this year from Friday, 29 November to Sunday, 1 December. The theme is: “Faith in Action”. Earlier this year, as we celebrated the AFM’s 116th Birthday, we re-introduced our “Missional Actions” (https://afm-ags.org/afm-missional-plan/) - one of the missional actions is “Care For Your Community”.

This year AFM Welfare is encouraging and inspiring AFM Assemblies to take three actions that will immediately strengthen community involvement. For more information on how your AFM Assembly can align with AFM Welfare Weekend, refer to:

https://afm-ags.org/media-articlehttps://afm-ags.org/afm-welfare-weekend-2930-nov-1-dec-2024/

Izinhlelo ezenziwa minyaka yonke zempelasonto zomnyango wezeNhlalakahle (2024 AFM Welfare Weekend) ziyaqhubeka ngokuya ngekhalenda ye-AFM of SA. Kulo nyaka lezizinhlelo zizoqala ngoLwesihlanu, 29 KuLwezi kuze kube ngeSonto, zi-1 Ku-Zibandlela. Isihloko sithi: "Ukholo olunezenzo".

Ngasekuqaleni kwalo nyaka, njengoba sasigubha usuku lokuzalwa lwe-AFM lweminyaka eyi-116, siphinde sethula isihloko esithi: “Izenzo ezibonakalisa uthumo lwethu (Missional Actions) (https://afm-ags.org/afm-missional-plan/) – okunye esingakwenza ukubonakalisa uthumo lwethu "Ukunakekela imiphakathi yethu". Lokhu singakubonisa ngokuthi sibe nogqozi lokusiza imiphakathi nokwelula isandla ekusizeni labo ababhekene nezingqinamba zempilo. Sisemiphakathini lapho abantu bebhekene nazo zonke izinhlobo zezinselele. ISonto liyangenelela futhi liyazibandakanya. Amanye amaBandla aseqalile ukubamba iqhaza emiphakathini yawo.

Kulo-nyaka i-AFM Welfare ikhuthaza futhi igqugquzela amabandla e-AFM ukuthi athathe izinyathelo ezintathu ukuqinisa nokubonisa iqhaza abazoba nalo emiphakathini. Izingcukatha mayelana nokuthi ibandla lakho lingenzani ukuthi libe yingxenye yalempelasonto ye AFM Welfare ziqukethwe encwadini ka-Nobhala Jikelele ekhishwe kungekudala.

https://afm-ags.org/afm-welfare-weekend-2930-nov-1-dec-2024/ 

Friendly Regards
Ngezilokotho zobuhlobo

Henri Weideman