
Ikota Yesi-4 Onyakeni We-2025
December 5, 2025Mndeni we-AFM,
Eminyakeni engamashumi amathathu eyedlule, i-Apostolic Faith Mission yase-Ningizimu Afrika yangena esikhathini esibalulekile solungiselela ikusasa layo kabusha. Lokho okwakukade kulihlukanisile ibandla kwaguquka ibandla lahlangana, ngesikhathi amalunga ebandla emukela umlayezo ovela phezulu wokubuyisana kanye nombono weBhayibheli wokuthi sibe munye kuKristu. Eminyakeni engama-30 edlulile, lobu bunye baba wubufakazi obunamandla bomusa kaNkulunkulu, obabubonisa ibandla eliletha ithemba esizweni sethu esihlukahlukene.
Okunye okuzokwenziwa njengengxenye yakugubha ubunye obaba yingqopha-mlando, i-AFM isungule izinsiza zokuxhumana ezibalulekile ukuze sihloniphe uhambo lwethu kanye nokugqugquzela ikusasa lethu. Lezizinsiza zihlanganisa iculo Lobumbano elizkwaziwa ngokuthi “Indlela (Iminyaka Engama-30 Yobunye)”, nomlando oqoshiwe obizwa ngokuthi “Uhambo lwe-Nkolo nokuBuyisana ebandleni le-AFM eNingizimu Afrika (1996–2026)”, kanye nokwethulwa kweziqeshana eziqoshiwe ze-AFM (AFM podcast) ze-“Ndlela” ezizogxila ekuqiniseni ubunye be-AFM eminyakeni ezayo. Lezi zinsiza zizosebenza njengezimpawu ezisikhumbuza ngesikhathi esedlule kanye nombono wethu. Zizotholakala esiteshini se-AFM YouTube (https://www.youtube.com/@AFMOFSA) ukuze amalungu kanye nomphakathi wonkana ukwazi ukuxoxisana nokukhuthazana.
Njengoba sidlula kwikota yokuqala ka-2026, senza lokho ngenhloso evuselelwe ngaphansi kwendikimba ethi “Ukuvuthisa Umlilo.” Ngasosonke isikhathi lapho aBaphathi be-hhovisi likazwelonke behambela izifunda ngenhloso yokuzihlomisa, lendikimba kuxoxisanwa ngayo uma kukhulunywa ngezinto ezibalulekile kanye nemibono eholwa nguMoya okuhloswe ngayo ukuqinisa iBandla kuwo wonke amazinga. Kulolu-shicilelo, sizoqhubeka ukuthukulula izihloko ezibalulekile okungabelwana ngazo – isihloko ngasinye siyinhlansi okuqondwe ngayo ukusekela ubunye, ukujulisa ubungqabavu bethu bukamoya, futhi sizihlomisele indlela eyaphambili.
UKUTUBEKA: YIBA NOLWAZI, VIMBELA, FUTHI UNQOBE
UDkt Henri Weideman | Umongameli

Ukutubeka emzimbeni, engqondweni nasemizweni (burnout) yinto abefundisi abaningi abayithwala bethule. Ungase uyibone kwabanye, uyibone ebandleni lakho, noma uzizwele wena ngokwakho. Ukutubeka akulona uphawu lobuthakathaka. Ukutubeka kusho ukuphelelwe ngamandla empilweni okunganqamukiyo. Akuyona inhloso kaNkulunkulu sibe ngabaholi abaphelelwe ngamandla. Wasidalela ukuthi sibonise isigqi somsebenzi, siphumule, futhi sivuseleleke.
Ukutubeka kungaphezulu uma kuqhathaniswa nokukhathala okuvamile. Kuwukukhathala okusindayo emzimbeni, emizweni, nasemoyeni okubangelwa ingcindezi enganqamuki nokuthwala ngokweqile.
Kungavela njengokukhathala okungapheli, ukucasuka, ukuzizwa ulahlekelwa ukuaxhumana noNkulunkulu noma nobizo lwakho, nokulahlekelwa injabulo obizweni lwakho, ubunzima bokugxilisa inqondo entweni thizeni, noma ukuphendukela emikhubeni engalungile yokubhekana nezinkinga. Iningi labaholi eBhayibhelini, ababethembekile, labhekana nezinkinga ezifanayo. Okubaluleke kakhulu indlela esibhekana ngayo nokutubeka. Abefundisi basengcupheni ikakhulukazi ngoba ubizo lunenjongo eqondakalayo kanti ngakolunye uhlangothi futhi ibiza kakhulu. Abefundisi batshatha ubuhlungu babantu, ngoba bavame ukuzwa ingcindezi yokuthi bamele bahlale beqinile, futhi basebenze amahora amaningi ngaphandle kwemingcele yobudlelwane ecacile. Kulula ukuzibophezela ngokweqile obizweni lwakho bese ushaya indiva izidingo zakho zikamoya nezemizwa. Isinyathelo sokuqala sobizo olusimeme kuwukuthi uqaphele indlela ozibophezela ngayo obizweni lwakho.
Ukuvimbela ukutubeka kuqala ngokuthi kwakhe indlela yokusebenza ehambisana nokuthi uhlale uphila. Ukuphumula akuyona into ongathi uzoyenza uma uthanda - kuyingxenye yendlela yokusebenza eyadalwa nguNkulunkulu . Ukuthatha iSabatha langempela ukuze uthole ikhefu ezidingweni ezinganqamukiyo kubalulekile. Kuyasiza futhi ukuba nomuntu omethembayo, umuntu oqotho ongakhuluma naye ngokukhululeka. Ukubeka imingcele, nakho kubaluleke ngokufanayo. Funda ukwenqaba izimemo ezinye, ukuze ugcine isikhathi sakho nomndeni wakho, nokuhlela isikhathi sakho ngokuhlakanipha. Khumbula, awuyena nje umfundisi kodwa ungaphezu kwalokho. Ukuphila okulingalinganisiwe kuhlanganisa ukuvocavoca umzimba, ukwenza izinto eziphumuza ingqondo, nobudlelwane obuphusile obuholela enkonzweni, eqhubekayo, enefuthe nozinzo. Ngaphezu kwakho konke, hlala ugcwele ngomoya - hhayi nje uma ulungiselela izintshumayelo, kodwa nasekwakheni ubuhlobo beqiniso noNkulunkulu.
kodwa ungaphezu kwalokho. Ukuphila okulingalinganisiwe kuhlanganisa ukuvocavoca umzimba, ukwenza izinto eziphumuza ingqondo, nobudlelwane obuphusile obuholela enkonzweni, eqhubekayo, enefuthe nozinzo. Ngaphezu kwakho konke, hlala ugcwele ngomoya - hhayi nje uma ulungiselela izintshumayelo, kodwa nasekwakheni ubuhlobo beqiniso noNkulunkulu.
Uma ukutubeka sekuqalile, ungalahli ithemba. Qala ngokwamukela. Kawusona isehluleki – kodwa ukhungathekile. Khuluma nomuntu omethembayo. Ziphe isikhathi sokuphumula ukuze uthole amandla kabusha, uvumele umphefumulo wakho ukuthi ube nesikhathi sokuphumula. Gxila kuNkulunkulu kabusha enkonzweni, hhayi ngenxa yempoqo, kodwa ngenxa yobudlelwane obuhle. Hlukana nomqondo wokuthi konke kuncike kuwe, qala ukwabela abanye imisebenzi yakho. UJesu wenza isimemo esinamandla: “Zanini kimi nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, mina ngizakuniphumuza.” Uyawubona umsebenzi wakho futhi uyakwazisa ukwethembeka kwakho, kodwa uyakukhumbuza ukuthi kawuyona nje inceku – kodwa ungumntwana wakhe.
Zinike isikhathi sokucabanga ngalokhu: Ingabe uyaphumula na? Ingabe ukhungathekile na? Ingabe udinga usizo na? Ingabe uvumela uNkulunkulu ukuba akunakekele na? Ukutubeka kuyinto eyenzekayo, kodwa akusona isiphetho ngempilo yakho. Ubizo lwakho lubalulekile, kanjalo nenhlalakahle yakho. Njengoba ukhathalela abanye, khumbula ukuzikhathalela nawe. Awuwedwa - uNkulunkulu unawe kuzo zonke izinyathelo zendlela.
UKUKHULA KWEBANDLA OKUSIMEME: OKUNIKWA UMDLANDLA NGUNKULUNKULU, OLWAKHELWE PHEZU KWESIMO SENDAWO
Umfundisi uBarend Petersen | IPhini likaMongameli - barend@afm-ags.org

Sinombono onamandla futhi ojabulisayo ngaphambi kwethu: owukutshala amabandla ayi-1,000 aphilayo, agxile kuKristu eNingizimu Afrika yonkana eminyakeni eyishumi ezayo. Lo-mbono kakuyona into yizibalo nje – kodwa umayelana nezimpilo eziguquliwe, imiphakathi eyenziwe kabusha, kanye nokuqhubekisela phambili uMbuso kaNkulunkulu. Ukukhula kwebandla okusimeme kuqala ngoNkulunkulu. Akwenzeki ngemizamo yabantu kuphela kodwa kungumsebenzi kaMoya oNgcwele. Ukukhula okuzinzile kuvela emthandazweni, ekukhonzeni, ekuthobekeni, nasekuhlonipheni uNkulunkulu okujulile. Ukukhula akwenzeki ngesivinini esifanayo ngaso sonke isikhathi, kodwa uma kuholwa nguNkulunkulu, kuba kwenzeka isikhathi eside.
"...owukutshala amabandla ayi-1,000 aphilayo, agxile kuKristu eNingizimu Afrika yonkana eminyakeni eyishumi ezayo."
Ubuholi obuqinile nobunombono bubalulekile. Ibandla eliphilayo lidinga abaholi abakwazi ukukhuluma ngendlela ecacile ngombono kaNkulunkulu, abakwazi ukukhuthaza abanye, futhi bahole ngobuqotho nangentshiseko. Ubuholi abenzelwanga ukukhomba indlela kuphela - bumayelana nokusebenzela abantu nokubasiza ukuze bakhule. Abaholi abagxilile ngokomoya nasobizweni lukaNkulunkulu, bangenza amabandla abo abe nomthelela ophusile.
Impilo esekelwe ebudlelwaneni ibalulekile. Kubefundisi, imindeni yabo kumele ihlale ibalulekile. Ubudlelwane obuqinile nabalingani babo, izingane, nabangane abaseduze bunikeza usizo nozinzo. Ubizo kanye nokukhula kwebandla akufanele neze kuthathe indawo yomndeni. Ubudlelwano obuphilayo, nhlangothi zonke, buqinisa umholi kanye nenkonzo.
Impilo emzimbeni nasengqondweni ibaluleke ngokufanayo. Ubizo lungaletha ingcindenzi, futhi, luholele ekukhathaleni nasekutubekeni uma lunganakekelwa ngendlela efanele. Ukuzivocavoca njalo, ukudla okunomsoco, nokuphumula ngokwanele akuzona izinto zokuzijabulisa nje - kuyadingeka. Impilo engqondweni nayo idinga ukunakwa. Abefundisi bavame ukuthwala ngokweqile, ngakhoke ukuthatha isikhathi sokuzinakekela, ikakhulukazi endabeni yokukhula kwebandla, kubalulekile. Ngendlela elula singathi, awukwazi ukuthela enkomishini uma igedlela lakho lingenalutho.
Impilo emoyeni ihlala iyisisekelo sakho konke. IBhayibheli lisikhumbuza ukuthi ngisho nabaholi abakhulu bahlangabezana nezinkinga: U-Eliya waba nokudumala okukhulu, uMose wabhekana nengcindezi eyamenza wakhungatheka, noPawulu wabekezelela ubunzima. Inkonzo ayikaze ibe lula, kodwa umusa kaNkulunkulu uhlala usanele. Ukuhlala sixhumene Naye yikho okusisimamisayo. Yingakho ukuthatha isikhathi sokuphumula, ukuzindla, kanye nokululama kubaluleke kakhulu. Njengoba imoto yomjaho inezindawo zokuma ukuze ibuye ithelwe uphethiloli, noma kushintshwe itayela, noma kulungiswe okuthile, nabaholi badinga izikhathi zokuthi bame kancane, bagxilise ingqondo kabusha, futhi bavuselelwe. Lezi zikhathi zokuthatha ikhefu akuzona ezingabhekwa njengezikhathi ezibe yincithakalo – zifana nokutshala ekusebenzeni ukuze ukwazi ukuvuna nokuphila isikhathi eside.
Okokugcina, amabandla anempilo adinga amathimba obuholi aqinile. Abaholi namalungu kufanele baqeqeshwe, basekelwe, futhi bahlonyiswe ukuze babe namandla okufeza inkonzo yabo. Ubizo akuyona into eyenziwa ngumuntu oyedwa - kuwubizo olwenziwa ngokuhlanganyela. Sibizelwe ukufinyelela umhlaba ngomlayezo oletha ithemba, umusa, kanye nensindiso, ngokubambisana.
Manje akusona isikhathi sokumisa ubizo lwethu. Umhlaba udinga ibandla manje, kakhulu kunakuqala. Njengoba sincike kuNkulunkulu futhi sizinakekela futhi sinakekela nabanye, singabona ukukhula okusimeme okwenza inguquko yangempela.
IMPILO ENGQONDWENI KUBALULEKILE: UKUNAKEKELA ABEFUNDISI NJENGOBA NABO BENAKEKELA ABANYE
Umfundisi uSelby Khumalo | Unobhala Jikelele - selby@afm-ags.org

Impilo ngokwengqondo yinto ibandla elingavamile ukuyinaka, nokho ibaluleke kakhulu - ikakhulukazi kubefundisi. Nakuba kugxilwa kakhulu ekunakekeleni amabandla, inhlalakahle yalabo abawaholayo ishaywa indiva ngezinye izikhathi. Abefundisi bangabantu nabo, futhi njengawo wonke umuntu, badinga ukunakekelwa, ukuphumula, nokusekelwa.
Enkonzweni abayenzayo abefundisi bathwala imithwalo eminingi abalindelwe ukuthi baziphendulele kuyo. Basekela abantu abadlula osizini lokushonelwa, babaluleke ngezinselelo zempilo, futhi banikeze ubuholi obungokomoya. Ukusiza amalungu ezidingweni eziphathelene nemizwa neziphathelene nomoya, kuhlanganisa nezinkinga zabo ngabanye, kungakhula futhi kuchaphazele izimpilo zabo ngokwengqondo.
IBhayibheli nalo lisibonisa ukuthi ngisho nabaholi bakamoya abaqinile bahlangabezana nezinkinga zemizwa ezinzima. Abantu abanjengo-Eliya, uDavide, uJobe, noJeremiya, bonke, bafikelwa yizikhathi zokuphelelwa ithemba, usizi, nongabazane. Umlando uyasikhumbuza futhi ukuthi abaholi abaziwayo abangamaKristu nabo babhekana nezinselele ezinjalo.
Ezinye zezinkinga zempilo ngokwengqondo abefundisi ababhekana nazo, ngokuvamile, zihlanganisa ukutubeka, ukhwantalala, ukukhathazeka, ukuba wedwa, nokukhathala okubangwa yinkonzo yabo yokuzwelana nabanye. Ukutubeka kungashiya umuntu ezizwa ekhathele futhi engenamdlandla. Ukhwantalala lungase lulethe okukhulu ukudabuka nokuphelelwa ithemba. Ukukhathazeka kungabangela ukuhlala ngokwesaba, kuyilapho ukuziqhelelanisa kungase kwenze umuntu azizwe eyedwa ngisho nalapho ezungezwe abantu. Ukukhathala okubangwa umsebenzi wakho wokuzwela abanye, kwenzeka lapho ukunakekela abanye kuba ngaphezu kwamandla akho. Lezi izinselele ezangempela, futhi kufanele zithathwe ngokungathi sína.
Ngeshwa, impilo ngowengqondo emiphakathini eminingi yamabandla isabukeka njengento eyenza umuntu acwaseke. Abanye bakholelwa ukuthi ukuba nenkinga ngasohlangothini lwemizwa kuwuphawu lubuthakathaka okholweni, kodwa lokhu akulona iqiniso. Ukufuna usizo akubona ubuthakathaka - kuyisinyathelo sokuphiliswa namandla. IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sizinakekele yonke imikhakha yempilo yethu, hhayi nje ngokomoya kodwa nangokomizwa nangokwenyama.
Kunezindlela eziphathekayo abefundisi abanganakekela ngazo izimpilo zabo ngokwengqondo. Ukwakha ubudlelwano obuqinile, obuthembekile nalabo osebenza nabo noma abeluleki kunganikeza ukwesekwa okudingeka kakhulu. Ukuthatha ikhefu njalo-njalo kusiza ukubuyisa amandla. Ukufunda ukubeka imingcele bese ukwazi ukuthi “cha” lapho kudingeka, nakho kubalulekile. Abefundisi akufanele bazizwe benecala uma bebelana imisebenzi yabo nabanye noma bethatha ikhefu. Ukufuna usizo lochwepheshe kubeluleki noma abelaphi kungesinye isinyathelo esibalulekile, futhi kufanele kubhekwe njengento enhle nekuhlakaniphile.
Impilo ngokomoya nayo inendima ebalulekile. Isikhathi somuntu siqu noNkulunkulu singaphezu kokulungiselela izintshumayelo. Izenzo ezifana nokuthandaza, ukuzindla, ukubhala phansi, nokukhulekela kungaletha ukuthula nokuvuseleleka. Ekugcineni, ukuzinakekela kuyingxenye yenkonzo yakho. Awukwazi ukupha abanye okuseqophelweni eliphezulu uma usebenza ungenalutho. Ngokubeka phambili impilo yakho, abefundisi abazisizi bona nje kuphela kodwa futhi babekela amabandla abo umzekelo omuhle.
"IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sizinakekele yonke imikhakha yempilo yethu, hhayi nje ngokomoya kodwa nangokomizwa nangokwenyama."
UKUPHATHA OKUHLAKANIPHILE: UKUCUBUNGULA NGOKWENZEKAYO NGEZIMALI ENKONZWENI
Umfundisi uRudi Coertzen | UMgcinimafa Jikelele - rudi@afm-ags.org

Ake sikhulumisane ngezimali - ikakhulukazi, ukuziphatha okuhlakaniphile, ukubeka izinto obala, kanye nokwethembeka ekulawuleni lokho uNkulunkulu asiphathise kona. UmBhalo kuLuka 16:10-11 usikhumbuza ukuthi noma ngubani othembekile kokuncane angathenjelwa kokuningi. Indlela esiphatha ngayo imali ibonisa izinhliziyo zethu nobuqotho bethu. Njengoba eyabase-1 Korinte 4:2 isifundisa, ukuthi labo abanikezwe umsebenzi wokuphatha bamele babonise ukwethembeka.
Kubefundisi, loku kuziphendulela kuqala ekhaya. Indlela esilawula ngayo izimali zethu ikhuluma kakhulu kunezintshumayelo zethu. AmaHubo 24:1 asikhumbuza ukuthi yonke indalo ingekaNkulunkulu, thina singabaphathi kwalokho okungoKwakhe. Ukukuqonda lokhu kufanele kulolonge indlela esiphatha ngayo izimali ezingezethu kanye nalezo okungezamabandla ethu.
Omunye wemikhuba ebaluleke kakhulu okufanele ithuthukiswe wukwenza isabelomali (budget). Sidinga okungale komthandazo; sidinga uhlelo olucacile lokuthi imali yethu iya-kuphi. Isabelomali sisiza ukuthi silandelele imali engenayo, izindleko, ukonga, nokupha, kuqinisekisa ukuthi siphila ngemali esinayo futhi kusenza sikwazi ukugweme ingcindezi engadingekile. Ngaphandle kwecebo lokusebenzisa izimali, kulula ukusebenzisa imali ngokweqile ingazelele.
Okunye okuyisihluthulelo esibalulekile, ukugwema izikweletu. IzAga 22:7 zixwayisa ngokuthi obolekayo uba yisigqila somtshelekileyo. Isikweletu singanciphisa inkululeko yakho futhi sikubeke engcupheni yokungakwazi ukuhlala obizweni uma kufika ezikhathi ezinzima. Ukufunda ukuphila ngemali onayo nokongela lokho ofuna ukukuthenga esikhundleni sokuboleka kungaletha uzinzo nokuthula isikhathi eside.
Ukonga kubaluleke ngendlela efanayo. Impilo inezikhathi eziguquguqukayo: Izikhathi zenala nezikhathi zobunzima. Nanjengoba uJosefa walungiselela iminyaka yendlala eGibhithe, nathi kufanele sibekelele eceleni lokho okuzosisiza ngezikhathi ezinzima. Ukuba nento engenza ukuthi ungakhahlamezeki uma kufika izikhathi ezinzima ngokungalindelekile kungenza umehluko omkhulu.
Ukuphana kufanele kube yinto esaziwa ngayo ezimpilweni zethu. Ukupha akuyona nje into esiyifundisayo; yinto esiyiphilayo. Kungakhathaliseki ukuthi ukwenza ngokuxhasa othile oswele, ukukhokhela ukudla, noma ukunikela emsebenzini kaNkulunkulu, ukupha kubonisa inhliziyo kaNkulunkulu. Kwakha nokholo ezimpilweni zethu kanye nasezimpilweni zabanye.
Ukwaneliseka kungesinye sezimiso zokuphila esibalulekile. Ezweni elihlala lisifaka ingcindezi yokufuna okwengeziwe, kumelwe sifunde ukwaneliseka ngalokho uNkulunkulu asinike kona. Lokhu kuyasivikela ekwenzeni izinqumo zezimali ngokungananazi futhi kusisiza ukuba sethembe isikhathi namalungiselelo kaNkulunkulu.
Ubuqotho buyingqikithi ebalulekile kukho konke okuphathelene nokuphatha izimali. Imishikashika efihlekile noma izinqumo ezingezinhle zingaholela emiphumeleni engathi sína. Ukufuna iseluleko noma ukwelulekwa akulona uphawu lobuthakathaka kodwa kuwukuhlakanipha. Ukuziphendulela kanye nokwethembeka kuvikela izimpilo zethu nezamabandla ethu. Esimweni sebandla, ukuphathwa kwezimali kufanele kwenziwe ngokucophelela okukhulu. Isabelomali kufanele sibonise umgomo webandla, hhayi nje izindleko zangaphakathi. Izinqubo ezisetshenziswayo kumele zibe sobala, ukuthathwa kwezinqumo ngokuhlanganyela, nokwengamela okufanele kubalulekile. Ukubika kwezezimali okwenziwa njalo-njalo kanye nokucwaninga amabhuku ezimali kwakha ukwethenjwa futhi kuqinisekise ukuziphendulela.
Okokugcina, ukwenza izinto ngendlela esobala kubalulekile. Indlela esiphatha ngayo izimali ixoxa indaba emabandleni ethu nasemiphakathini yethu. Lapho senza izinto ngokwethembeka nangokuziphendulela, sakha ukwethembeka futhi siletha udumo kuNkulunkulu.
Njengoba sicabanga ngalezi zimiso, masizibuze: Ingabe uNkulunkulu angasethembela okwengeziwe na? Kwangathi singazibophezela ekubeni ngabaphathi abathembekile, abahlakaniphile, futhi abaziphendulelayo, kuyo yonke imikhakha yezimpilo zabo.


ISIPHETHO

Njengoba siqhubeka nokuvuthela umlilo ngo-2026, sibheke phambili ngokulangazela okukhulu kulokho okuphambi kwethu emasontweni ezayo. Inyanga kaNhlaba isimemela esikhathini esingcwele sokuzindla kanye nokwenziwa kabusha, njengoba silungiselela ukwabelana ngemiyalezo ekhethekile yoSuku Lokukhuphuka, Isonto LePentekoste, noSuku lwePhentekoste - izikhathi ezisimema ukuthi siphakamise amehlo ethu, sivule izinhliziyo zethu, futhi samukele ukuthululwa kabusha kukaMoya oNgcwele.
Ngesikhathi esifanayo, ilangabi lokuhlanganyela kanye nokudluliselwa kwezibusiso nezipho, liyovutha ngokugqamile eziNgqungqutheleni zethu ezizayo zemiMnyango ye-AFM. Siyibheke ngabomvu iNgqungquthela kazwelonke yabesilisa (15-17 May), iNgqungquthela Kazwelonke Yentsha ye-AFM (26-28 June), kanye neNgqungquthela kaZwelonke yabesifazane (10-12 July). Enye nenye yaleziNgqungquthela idala ithuba lokuxhumana, ukuqinisana, nokukhula ngokomoya kuzo ezizukulwaneni zonke.

Ukwengeza kulokhu, sigubha ingqophamlando ebalulekile mhla zingama-25 kuNhlaba (May) njengoba i-AFM izobe igubha usuku lwayo lokuzalwa lweminyaka eyi-118. Lesi sikhathi ngeke nje siqhakambise ifa lethu lomlando elicebile kodwa futhi sizosikhuthaza ngekusasa uNkulunkulu asibizela kulo. Eminye imibiko izokhishwa maduze mayelana nokugqugquzelwa komkhankaso okhethekile we-inthanethi Wosuku lokuzalwa lwe-AFM, omema onke amalungu ukuba abambe iqhaza kulo mgubho ophusile.
Sengathi singaqhubeka nokuthwala ilangabi ngenhloso - silikhulise ezinhliziyweni zethu, emabandleni ethu nasemiphakathini yethu. Futhi njengoba senza, kwangathi umlilo wobukhona bukaNkulunkulu ungavutha kakhulu phakathi kwethu, usiholele phambili sindawonye ngobunye nenjongo.
U-Henri Weideman






