Ukunikeza Amandla

UKUNIKEZA AMANDLA
Fundisa, qeqesha futhi uhlomise amalungu akho.

Incazelo:
“Ukuhlomisa abangcwele (amalungu) ukuze bafeze ubizo lwabo kanye nezipho neziphiwo ezivela kuNkulunkulu.”

Amagama asho okufanayo:
• Ukufundisa
• Ukuhlomisa
• Ukuqeqesha
• Ukubonisa
• Ukuthemba+ukukhulula (ukuthuma)
• Ukuqeqesha+ukulolonga

Amavesi Amqoka:
• Kwabase-Efesu 4:11+12
• NgokukaMatewu 28:19 (“…nibafundise…”)
• NgokukaThimothewu Wesi-2, 2:2

Ukunikezwa kwamalungu ethu amandla kucaciswe ngokusobala njengengxenye yenhlosombono yethu: “Sibona ibandla okungena kulo bonke abantu, sigubha ukubumbana kwethu kanye nokwahlukahlukana kwethu okudalwe nguNkulunkulu, sinika amalungu ethu amandla okunakekela nokuguqula imiphakathi yethu ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.” Esinye sezizathu ezimqoka ezidala ukuba amakholwa abizelwe enkonzweni, ngukuba anikezwe amandla (athuthukiswe).

Ukunikezwa amandla kuhambisana noMyalelo Omkhulu. “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya ONgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (NgokukaMatewu 28: 19) Ukwenziwa abafundi kusho ukunikezwa amandla. Esikhathini lapho ulwazi oluvamile mayelana nemigomo yoMbuso Wezulu nokuba ngabalandeli baKrestu sekuyimvelakancane futhi sekungasabalulekile, i-AFM kufanele igcizelele ukubaluleka kokunikezwa amandla.

Ivesi elisesemqoka kulokhu ngabase-Efesu 4:11+12: “Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye ngabaprofethi, abanye ngabavangeli, abanye ngabefundisi nabafundisi; Ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKrestu.” (Kanye nabaseKhorinte Boku-1, 12: 27+28) Siyayivuma le misebenzi yenkolo ehlomisanayo. Imisebenzi yayo ngukuhlomisa/ ngukunikeza amandla abangcwele emsebenzini wabo wezenkolo.

Kubalulekile ukwakha isimo sendawo nosiko lapho amalungu “avamile” enza khona imisebenzi yawo njengamalungu “ayisimakade” omzimba kaKrestu. Ilungu ngalinye kumele lazi ukuthi libizwe nguNkulunkulu ngokulinganayo nabanye kanti lineziphiwo ezithile ukufeza inkonzo yalo. Yiwo la malungu aphila futhi asebenza ezindaweni zesimanjemanje zokuhweba. Kumele anikezwe amandla futhi ajutshwe ukuba abe ngofakazi baKrestu eduzane nakude. Injongo yethu kanye nobubanzi bohlelo lwethu lokunikeza amandla akusilo iphutha.

Ekunikezeni amalungu ethu amandla, sizokwenza konke okusemandleni ngokulandela indlela kaJesu yokunikeza abafundi bakhe amandla. Waqala wachitha isikhathi sakhe ebafundisa. Lokhu kwalandelwa ngukubabonisa ukuthi “benze kanjani”. Ube eseqhubeka ngokubenza ingxenye yomsebenzi wenkolo – njengokwandisa izinhlanzi nezinkwa. Igxathu elilandelayo kwaba ngukubathumela ukuba bayozisebenzela bona ngokwabo. (NgokukaLuka 9:1+2) Uma behluleka noma benza amaphutha, wayebaqondisa – njengodaba lwendodana eyayinemimoya emibi. (NgokukaMarku 9:14-29) Lapha yilapho umsebenzi obalulekile wokulolonga nokuqeqesha ungena khona. Sebeqeqeshiwe, waqinisekisa ukuthi bagcwaliswa ngoMoya ONgcwele ngaphambi kokuba bathunyelwe ezweni. (NgokukaLuka 21;49, Izenzo 1:8) Bese benza okufanayo nabasanda kuphenduka. (NgokukaMatewu 28:19 kanye nangokukaThimothewu 2:2)

Ukunikeza amandla kwenzeka ngezindlela ezahlukahlukene nasemazingeni ahlukahlukene. Kumele kukhunjulwe njalo ukuthi inhloso enkulu yohlelo lethu ngukwenza abafundi beqiniso, izithunywa ezingabaphostoli, abakwaziyo ukufeza i-Missio Dei – iNjongo KaNkulunkulu. Kumele iyekwe indlela yakudala yokubona amalungu njengabantu abangesilutho bese kuthi abafundisi babonwe njengokuyibo “ababiziwe”. Lonke ilungu kumele lazi ukuthi nalo libizwe ngokulinganayo nguNkulunkulu, nokuthi libizelwe ukuba ngofakazi baKrestu ngokwempilo nangokwemisebenzi yalo. Nawo ngokulinganayo ayingxenye eyisimakade yomzimba kaKrestu.

 

 UKUNIKEZA AMANDLA

Spread the word...