Ukuba ngumfundi
Yiba ngumlandeli kaKrestu-Yenza abalandeli baKrestu.
Amagama asho okufanayo:
▪ Umlandeli, isitshudeni, umfundi, oqeqeshwayo.
▪ Yiba yisibonelo ngokuba ngumlandeli weqiniso kaKrestu.
▪ Fundisa amalungu ukulandela uJesu nokuba afane noJesu.
▪ Yakha isimilo esifana nesikaKrestu kuwo wonke amalungu.
Izincazelo ezimfishane:
“Ukuba ngumfundi kusho indlela yempilo yekholwa yokufunda, yokuqeqeshwa, yokudlondlobala kanye nokuthuthuka okwenzeka kungahleliwe noma ngokwenhloso, nokuyilapho ikholwa, ngokusebenza kukaMoya ONgcwele, liqhubeka nokuveza ubukhona bukaJesu Krestu empilweni yalo ngokweqiniso.”
“Umlandeli woqobo kaJesu Krestu ngenkathi esaphila.”
Amavesi Amqoka:
▪ NgokukaMatewu 28:19
▪ KwabaseKhorinte Boku-1, 11:1
▪ KwabaseGalathiya 4:19
▪ Izenzo 1:8
▪ KwabaseKhorinte Besi-2, 3:18
▪ KwabaseGalathiya 5:22
Ukuba ngumfundi soze kwahlukaniswa noMyalelo Omkhulu, nokwenza kube yinto ebaluleke kakhulu futhi okuyisu okugxilwe kulo eSwini Lethu Elilodwa Lokwenza Le-AFM. Amazwi kaJesu mawazwakale ezindlebeni zethu: “Ngakhoke, hambani nenze izizwe zonke abafundi…” (NgokukaMatewu 28:19). UMyalelo Omkhulu awugcini nje ngokushumayela iVangeli nokuphendula abantu. Labo bantu asebephendukile kumele benziwe abafundi. Uma kungenjalo, kusho ukuthi asikenzi lutho ngoMyalelo kaJesu.
Ukuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu ngokweqiniso kudinga abafundi beqiniso, nanjengoba ukuba namalungu ebandla angabafundi beqiniso nako kusho ukuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu. Ngaphandle kwalokhu okunye, ngeke kube khona nalokhu okunye.
Umuntu kumele abe ngumfundi yena kuqala ukuze akwazi ukwenza abanye babe ngabafundi. (KwabaseKhorinte Boku-1, 11:1) Lokhu kusho ukuthi lowo muntu usemamukele uJesu njengeNkosi noMsindisi. Baningi abamthandayo uJesu njengomuntu oyisibonelo esihle kakhulu nochaza ngokunothile ukuthi ngonjani umuntu ohlabahlosile (njengo- Mohandas Ghanddi), kodwa ungaba ngumfundi kaJesu kuphela uma esebe nguMsindisi/nguMhlengi wakho. Ukuba ngumfundi kuqala ngokuhlengwa.
Inhloso yokuba ngumfundi ngukuziphatha nokucabanga ngendlela uKrestu ayeziphatha ngayo kube ngokwemvelo yakho, ngamanye amazwi, ngukuveza kakhulu ubukhona bakhe, uthando lwakhe, ukuphila kwakhe kanye namandla akhe. (KwabaseGalathiya 4:19)
Ukuba ngumfundi kusho ukunikezwa amandla. Yingakho futhi asebephendukile kumele nakanjani babhabhadiswe ngokukaMoya ONgcwele. (Izenzo 1:8) Impilo eholwa nguMoya ikhiqiza izimpawu zokufana noKrestu ngaphandle kokukuhlela lokho. (KwabaseKhorinte Boku-1, 3:18) Lokhu kuyingxenye yezithelo zikaMoya. (KwabaseGalathiya 5:22)
Ukwehluleka ukukhiqiza abafundi beqiniso baKrestu, kungaba yisona sici esikhulu sebandla kanti kungenzeka kube yisona sizathu esidala ukuba izwe lethu libe namazinga obubi angemukelekile ngale ndlela kanye nokungabikhona kobulungiswa kwezokuhlalisana kwabantu, kweziphathelene nocansi kanye nobubi babantu nje ngabodwana – yize kunenani eliphezulu kangaka lamaKrestu. Baningi abazibiza ngamaKrestu kodwa bambalwa abangabafundi baKrestu.
Ibandla nemisebenzi yalo alikwazi ukusindisa abantu – nguNkulunkulu kuphela ongenza lokho. Kodwa sinikwe nguNkulunkulu ijoka lokukhiqiza abafundi, abangabalandeli boqobo baKristu, sibaholele ekukhuleni. (Kwabase-Efesu 4:12). Lokhu kwenzeka ngokushumayela nangokufundisa, ngempilo eyisibonelo kubaholi, ngokulolonga nangokuqeqesha okwenzeka ngokwengqikithi yobudlelwane beqiniso nobuqatha. Ukukhiqiza abafundi baJesu beqiniso kuyinselelo enkulu – kusukela emabandleni amancane kuya kwamakhulu.