AMABANDLA KAKRESTU AHLUKAHLUKENE
Yazi ukuthi asilona ibandla, kodwa siyingxenye yebandla – Yiba nomqondo woMbuso Wezulu.
(Kususelwa egameni lesiGriki elithi oikoumene, elisho ukuthi “umhlaba wonke nokugcwala kwawo”)
Amagama asho okufanayo:
• Okufaka konke
• Okuhlanganisa konke
• Okungakhethi amabandla
• Okwenziwa nguwonkuwonke
Incazelo:
Injongo yokugqugquzela ubumbano emabandleni ahlukahlukene amaKrestu imayelana nokwazi, ukuhlonipha nokubambisana emzimbeni kaKrestu.
Injongo yokugqugquzela ubumbano emabandleni ahlukahlukene amaKrestu isho imizamo eyenziwa ngamaKrestu anamasiko ahlukahlukene eyenzela ukwakha ubudlelwane obusondelene kanye nokuqonda kangcono. Ingaphinde isetshenziswe nakunoma yimuphi omunye umzamo ogqugquzela ukubambisana okukhulu kwamaKrestu.
Amavesi Amqoka:
• NgokukaJohane 17: 20+21
• Kwabase-Efesu 4:3
• NgokukwaLuka 9:50
• Isambulo 5:9
Umbutho WamaPhentekoste awemukelekanga kahle emabandleni akudala ngasemashumini-minyaka okuqala ngenkathi efika, ngasekuqaleni kwekhuluminyaka lama-20 (20th century). Lokhu kwadala ukuba ubudlelwane bamabandla kaKrestu ahlukahlukene buphazamiseke. Nakuba kunjalo, emashumini-minyaka ambalwa edlule, kwaba khona ukuqapheleka kwamaPhentekoste angumndeni omkhulu kaNkulunkulu. I-Bible Society kanye nama-Chaplains Services acenta indlela ngandlelathize.
Sigqugquzela ubuqotho ebudlelwaneni bethu namanye amabandla. Umzimba kaKrestu osabalele kumele uhlonishwe. Vele asilona ibandla likaJesu Krestu ELIKHETHEKILE kodwa siyingxenye yebandla laKhe. Umkhuleko kaJesu encwadini kaJohane 17:20+21 akumelwe uthathwe kancane: “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo; ukuba bonke babe munye; njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina; ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.”
Sigqugquzela abefundisi namalungu ase-AFM ukuba bangabi ngabakhethekile kodwa babe nomqondo woMbuso Wezulu. Ukubeka phambili umbuso kaNkulunkulu akusho ukwethembeka kuphela ebandleni lakho. Okubaluleke ukwedlula ukwanda kwebandla lami ngukubona uMbuso KaNkulunkulu ukhula. UMbuso KaNkulunkulu awuvuzi lutho uma amalungu ebandla esuka kwelinye ibandla eya kwelinye.
Ngokwezinga lomhlaba wonke kanye nelezwe, i-AFM iyingxenye yamabhodi amaningana amabandla kaKrestu ahlukahlukene. Siyafisa ukukubona lokhu kwenzeka nakwamanye amazinga. Njengalokhu abefundisi bethu abaningi bezibandakanye nezinhlangano zobudlelwane babefundisi, sigqugquzela abefundisi bethu namalungu ethu ukuba bazibandakanye namanye amakholwa futhi babambisane ngazo zonke izindlela. Izinhlelo eziningi zokufinyelela kubantu ezindaweni esikuzo zizophumelela kakhulu uma amabandla ebambisana. Imigubho ethize ekhalendeni lebandla, njengoSuku Lomenyuko noKhisimusi kungagujwa ndawonye. Kungenziwa okufanayo ngemisebenzi yokufinyelela emiphakathini.
Akukho ngisho nelilodwa ibandla elinganqoba idolobha noma idolobhakazi elikulona lisebenza lodwa. Ngesisekelo sethu sokuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu, kumele sikhumbule amazwi kaJesu: “Kepha uJesu wathi kuye, ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.” (NgokukaLuka 9:50) Siphambana nomgomongqangi webandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu uma amabandla eshayisana. Asikwazi ukuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu ngokweqiniso uma sishaya indiva ingxenye enkulu yomzimba kaKrestu.
Siyingxenye yesizukulwane esingasakuboni kuyinto ebaluleke kakhulu ukuhluka kwethu ngokwemigomo. Ubudlelwano yibo obubalulekile. Kuyinto enhle kakhulu uma incazelo itholakala ebudlelwaneni nasemqondweni wokubumbana phakathi kwabaholi namabandla endawo – “Ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile…” (NgokukaJohane 17:21)