
Nuusflits: God se Liefde
February 13, 2025
Nuusflits: Geestelike Seisoene
February 28, 2025
Nuusflits: God se Liefde
February 13, 2025
Nuusflits: Geestelike Seisoene
February 28, 2025
RESOURCES | IZINSIZA
GOD’S LOVE NEVER FAILS
Valentine’s Day is a time when many people celebrate the gift of love and the loved ones in their lives. This happens once a year and some people make a real effort to appreciate their spouse or fiancé during this time.
God’s love for us is far greater and lasts forever. It is constant, faithful, and unconditional. God shows His devotion to us every day, even when we feel unworthy or distant from Him. He cares deeply for each of us, offering forgiveness, grace, and peace. His greatest act of love was sending Jesus to give us new life. While human love can change or fade, God’s love never fails. It is the kind of love that holds us up, no matter what life brings. Let us continuously celebrate the greatest gift of love in our lives: God sending His son and Jesus giving His life, so that we may have eternal life.

Usuku lwe-Valentine yisikhathi lapho abantu abaningi begubha khona isipho sothando kanye nabathandekayo ezimpilweni zabo. Lokhu kwenzeka kanye ngonyaka futhi abanye abantu benza umzamo wangempela wokwazisa abashade nabo noma labo abathembisene nabo umshado ngalesisikhathi.
Uthando lukaNkulunkulu ngathi lukhulu kakhulu futhi luhlala ingunaphakade. Luhlala njalo, luthembekile, futhi lungenamibandela. UNkulunkulu ukhombisa ukuzinikela Kwakhe kithi nsuku zonke, noma sizizwa singafaneleki noma sikude Naye. Uyasikhathalela ngokujulile thina ngabanye, esinikeza intethelelo, umusa, nokuthula.
Isenzo sakhe esikhulu sothando kwaba ukuthumela uJesu ukuthi azosipha impilo entsha. Nakuba uthando lomuntu lungaguquka noma luphele, uthando lukaNkulunkulu alusoze lwaphela. Luwuhlobo lothando olusiqinisayo, kungakhathaliseki ukuthi ukuphila kusilethelani. Masigubhe lesisipho esikhulu kunazo zonke sothando ezimpilweni zethu njalonjalo: Sikhumbula ukuthi UNkulunkulu wathumela indodana yakhe uJesu eyanikela ngokuphila kwayo, ukuze sibe nokuphila okuphakade.
NOB EMPOWERMENT 2025 – YOU ARE INVITED
Sustaining the Fire!
We are looking forward to visiting and spending time in ministry and impartation with Regional Pastors, Assembly Leaders, Governing Body Members, Departments and Members during the Regional Empowerment Visits. The Theme for 2025 is: Sustaining the Fire!
"Sustaining the Fire" means staying passionate and committed to the presence and work of the Holy Spirit in our lives. Just like a fire needs fuel to keep going, we need to continually feed our spiritual lives with prayer, worship, reading the Word, and walking in obedience to God. The Holy Spirit's fire represents His power, guidance, and presence, which keep us spiritually alive, strong, and effective. When we keep this fire burning, we stay connected to God, energized for His purpose, and ready to impact the world with His love and truth. “Never let the fire in your heart go out. Keep it alive. Serve the Lord.” Romans 12:11 (NIRV)

Ukugcina Umlilo uvutha!
Sikubheke ngabomvu ukunivakashela nokuba nesikhathi sokucobelelana nabeFundisi eziFundeni, Abaholi abangagcotshwanga baMabandla, Ubuholi bamaBandla, Iminyango ye-Bandla ephathiswe izinkonzo ezikhethekile, kanye namaLungu eBandla. Inhloso yokuhambela iziFunda iwukuzihlomisa. Isihloko esizokhulumela phezu kwaso kulonyaka wezi-2025 sithi: Ukugcina Umlilo uvutha!
"Ukugcina Umlilo uvutha " kusho ukuhlala sinomdlandla futhi sizibophezele emsebenzini nasekuqikekeleni ubukhona bukaMoya oNgcwele ezimpilweni zethu. Njengoba nje umlilo udinga izinto zokuwubasa ukuze uhlale uvutha, nathi sidinga ukuqhubeka nokondla impilo yethu yokomoya ngomthandazo, ngendumiso, ngokufunda iZwi, nangokumlalela uNkulunkulu. Umlilo kaMoya oNgcwele usho amandla, isiqondiso, kanye nokuba khona kuka-Moya oNgcwele, ukusigcina siphila emoyeni, sinamandla, futhi sisebenza ngempumelelo. Uma sigcina lomlilo uvutha, lokhu kuzosenza sihlale sixhumene noNkulunkulu, sinogqozi ngalokho okuhloswe nguNkulunkulu, futhi sibe-sesimeni sokuba nomthelela emhlabeni ngokugqugquzela uthando lukaNkulunkulu neqiniso. “Ekukhuthaleni ningenqeni, nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;” (KwabaseRoma 12:11- ZUL59).

During the 2025 NOB Regional Visits, the following topics will be addressed:
Divine Healing, Church Growth, Evangelism and Missional Action to Impact the Next Generation.
There will also be a session specifically for Pastors and their spouses, focusing on “Balancing Life and Ministry”. Please ensure that you plan your schedule in such a way that you will be part of this engagement.
Kindly take note that the dates and venues of the 2025 NOB Empowerment Visits have been confirmed.
The Programme for Friday and Saturday is also available from our website:
https://afm-ags.org/category/events/
We are looking forward to seeing you there!
Friendly Regards!
Henri Weideman
Ngesikhathi sokuvakashelwa kwe-Zifunda kulonyaka wezi-2025 UbuHoli beHhovisi likaZwelonke buzodingida lezizihloko ezilandelayo:
Ukuphiliswa okwenziwa nguNkulunkulu, Ukukhula KweBandla, Ukuvangela, ukubonakalisa uthumo lwethu, nokuba nomthelela esizukulwaneni esilandelayo.
Kuzophinde kube nesikhathi esiqondene ngqo nabefundisi kanye nabashade nabo, esizogxila kakhulu “Ekulingalinganiseni Impilo Nobizo”. Sicela uqinisekise ukuthi uhlela uhlelo lwakho ngendlela yokuthi ukwazi ukuba yingxenye yaleseshini.
Sicela wazi ukuthi izinsuku nezindawo zokuvakasha koBuholi leHhovisi likaZwelonke ngonyaka ophezulu wezi-2025 ngenhloso yokuhlomisa sezikhishiwe:
Uhlelo lwangoLwesihlanu nangoMgqibelo luyatholakala nakusizindalwazi sethu:
https://afm-ags.org/category/events/
Sibheke ngabomvu ukukubona lapho!
Ozithobayo!
Henri Weideman





