Ikota Yesi-4 Onyakeni We-2024
December 5, 2024
Ikota yesi-2 onyakeni we-2025
June 26, 2025
Ikota Yesi-4 Onyakeni We-2024
December 5, 2024
Ikota yesi-2 onyakeni we-2025
June 26, 2025

Mndeni we-AFM,

Mndeni we-AFM,

Njengoba siqhubeka nohambo lwethu lwenkolo, siyakhunjuzwa ngokubaluleka kokulingalinganisa impilo yethu kamoya nempilo yethu ngokwempilo esiyiphilayo. Kulolu shicilelo, sibheka “Ukuphiliswa nguNkulunkulu” okuliqiniso elingumgogodla futhi elixhumene nolibofuzo lweBandla lethu – lokhu kubonakala kuwubufakazi obunamandla nokwethembeka kukaNkulunkulu uma sibuka umlando wenkonzo yethu. Sengathi lesi sihloko singavuselela ukholo lwakho ekuwethembeni amandla kaNkulunkulu okuyiwona asakha kabusha futhi asigcine.

Sizophinde sibheke imigomo ebalulekile uma kufikwa ekulingalinganiseni ubizo nempilo yethu ngokujwayelekile. Amakholwa onke, kungakhathaliseki ukuthi asebenzela uNkulunkulu isikhathi esigcwele noma asemisebenzini aqashwe kuyo, sonke sibhekene nenselele yokuphila ngendlela ebonisa ukuthi sinempilo. Le mininingwane ephathekayo izokukhuthaza ukuthi uphethe kahle inkonzo ngomdlandla ngesikhathi uqhubeka nenhlalakahle yakho, kanye nobudlelwano, nokukhula ngokomoya.

1. UKUPHILISWA NGUNKULUNKULU: INHLIZIYO KANKULUNKULU YOKWAKHA KABUSHA

UDkt Henri Weideman UMongameli we-AFM yaseNingizimu Afrika

Ukuphulukisa nguNkulunkulu kwenzeka lapho uNkulunkulu esebenzisa ngamandla angaphezu kwemvelo ukuze asiphilise futhi siphile ngokuphelele. Kulo lonke iBhayibheli, siyasibona isifiso Sakhe sokuphulukisa nokwenza abantu baphile - ngokomzimba, ngokwemizwa, nangokomoya.

Isisekelo SeBhayibheli Sokuphulukisa. Kusukela ekuqaleni, uNkulunkulu wazembula njengoMelaphi wethu. Ku-Eksodusi 15:26, uNkulunkulu wathi kubantu Bakhe uma bemlalela futhi belandela izindlela Zakhe, uzobaphulukisa: “Ngokuba nginguJehova ophilisayo.” Kulapho sithola khona igama elithi “Jehova Rapha”, elisho ukuthi “iNkosi ephilisayo.” ETestamenteni Elisha, uJesu wasiqinisekisa lesi sithembiso. NgokukaMarku 16:17-18 uthi labo abakholwa Kuye bayolandelwa yizimpawu zokuphulukisa: “…Bayobeka izandla phezu kwabagulayo baphile.”

Ukuphulukisa enkonzweni KaJesu. Ukuphulukisa kwakuyinto emqoka kulokho uJesu ayekuzele emhlabeni. NgokukaMathewu 4:23 sitshelwa ukuthi uJesu wayehamba izindawo ngezindawo, efundisa, eshumayela futhi ephilisa zonke izifo nokugula. Lokhu kwagcwalisa okwashiwo uMprofethi u-Isaya ukuthi: “Wabetshatha ubuthakathaka bethu, wathwala izifo zethu” ( Ngokuka-Mathewu 8:17). Esinye isibonelo esinamandla singowesifazane owayeseneminyaka eyi-12 egula. Wathinta ingubo kaJesu, ekholelwa emandleni aKhe okumphilisa, wayesethi kuye: “Ndodakazi, ukukholwa kwakho kukusindisile. Hamba ube nokuthula futhi usuphulukile enhluphekweni yakho” (Ngokuka-Marku 5:34). Ukuphulukisa akukona nje ukubonakaliswa kwamandla kaNkulunkulu kodwa futhi kuwukubonakalisa uthando nozwelo Lwakhe. U-Isaya 53:5 usitshela ukuthi ngomhlatshelo kaJesu esiphambanweni, sathola ukuphulukiswa: “...ngemivimbo yakhe siphilisiwe thina.”

Izinyathelo ongazithatha ukuze uthola ukuphulukiswa. IBhayibheli lisinikeza izinyathelo ezicacile zokuthola ukuphulukiswa, okuyilezi ezilandelayo:

  • Thandaza futhi ufune iZwi likaNkulunkulu - Ukuphulukiswa kuvela ekuchitheni isikhathi ebukhoneni bukaNkulunkulu.
  • Cela abanye ukuthi bakuthandazele – uJakobe 5:14-15 ukhuthaza amakholwa ukuthi abize abadala bebandla ukuba bakhuleke futhi bagcobe abagulayo ngamafutha.
  • Thembela esikhathini sikaNkulunkulu - Ukuphulukisa kungase kungabi ngokushesha, kodwa noma kunjalo uNkulunkulu uhlala esebenza.
  • Fakaza - Ukuzwa ngokuphulukiswa kwabanye kwakha ukholo futhi kukhuthaza abantu abaningi ukuba bathembele kuNkulunkulu.

Ukuphiliswa kakuyona into eyenzeka, njalo, ngokushesha noma ngendlela esiyilindele. Ngimbonile uNkulunkulu ephulukisa ngendlela eyisimangaliso, kodwa ngiphinde gabona amakholwa athembekile angazange athole ukuphiliswa enyameni. Ubaba wami waba yimpumputhe esemncane, futhi nakuba sathandaza iminyaka eminingi, akazange aphulukiswe ngokomzimba. Nokho, wahlala eqinile okholweni lwakhe, ekhonza uNkulunkulu kwaze kwaba yilapho eseneminyaka engama-95 ubudala, ekholelwa ekuphulukisweni nguNkulunkulu. Ekugcineni, ukuphulukiswa kwethu okukhulu kuyotholakala ekuphileni kwethu okungunaphakade. Encwadini ye-Sambulo 21:4 siyathenjiswa ukuthi: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni ethu. Ukufa akusayikuba khona nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu.”

Kufanele sizinike isikhathi sokuthandazela abagulayo ezinkonzweni zethu nasemibuthanweni yethu futhi simethembe uNkulunkulu ukuthi uzobaphilisa. Ukuphiliswa nguNkulunkulu kuyingxenye yolibofuzo nomlando wethu. Masingakudebeseli.

2. SIGXILISIWE ENJONGWENI: UKULINGALINGANISA UBIZO, UMNDENI NOMPHAKATHI

Umfundisi Barend Petersen IPhini likaMongameli we-AFM yaseNingizimu Afrika

Ubizo. Leli phuzu liqondiswe ngqo kubefundisi bethu. Abefundisi babizwe ngokwaphezulu nangokukhethekile nguNkulunkulu ukuthi benze inkonzo yokukhonza ngendlela efanayo naleyo abiza ngayo uMose ngesikhathi ephendula ukukhala kwaBantwana baKwa-Israyeli. IVangeli likaJesu Kristu lisinika ithemba, futhi lingumyalezo oguqula isiphetho sethu. Kumele sihambe noNkulunkulu ngokwethembeka, sihambe ezindleleni zohambo lwethu futhi sivikele ubuhlobo bethu iNkosi nenkonzo esibizelwe yona njengoba uPawulu esiyala encwadini yoku-1Korinte 15:58. Amandla avela eNkosini ayatholakala ngazozonke izikhathi zokuphila kwethu futhi sibe ngabahloniphekile ngoba singabaholi bakamoya, uNkulunkulu asebenza ngabo, abuye akhulume ngabo futhi enze ukuthi kubenomthelela ezimpilweni zaBantwana Bakhe. Ukuzibophezela kwethu nokubonakalisa impilo engumzekelo. Ukuzinikela kwethu emlayezweni wesiphambano, nokulangazelela kwethu ukuba sebukhoneni Bakhe, kanye nozwelo lwethu ngenhlalakahle yabanye kuzoba nomthelela wenhlonipho kwabancane nakwabadala futhi kube ngumzekelo omuhle ongalandelwa. Lesi sikhathi sidinga iGunya likaMoya elibonakalayo elisekelwe ekuhambeni kwethu kwansuku zonke noNkulunkulu njengoba uPawulu esiyala kwabaseKolose 2:6-7.

Umshado nokuguquguquka koNomndeni. Ubuhlobo nomndeni wethu yibona ubuhlobo obubaluleke kakhulu okumele sibuvikele. Zinike isikhathi sokwakha, sokukhulisa nesokuthuthukisa ubudlelwano obunothando, obunentshisekelo nobuhlala njalo bukhona phakathi kwakho noshade naye.

Njengamakholwa, siyakhonza futhi siphile izimpilo zethu ezixhumene nezigaba ezahlukene zempilo kanye nesipiliyoni salabo esibakhonza ngezwi kulomhlaba owonakele. Ukuzibophezela kwethu obizweni olungcwele akuvimbeli ukuthi thina nemindeni yethu singahlangabezani nezilingo nezinsizi zokuphila, okuhlanganisa ukulahlekelwa, ubuhlungu, ukuhlupheka, ukudangala, ukudumazeka nokufa. Siphinde sihlangabezane nezinselele zabazali, izinselele zomshado, izinselele zezimali, izinselele zempilo, nobudlelwano obuqinile, njengabo bonke abanye abantu. Ngezinye izikhathi, siswela izimpendulo, ikakhulukazi uma sibeke ithemba lethu kuNkulunkulu lokuthi uzosenzela isimangaliso bese sihlangabezana nokuthi uNkulunkulu avele azithulela nje. Siyazi ukuthi uNkulunkulu, ngoMoya Wakhe, uyasiduduza ezinhlungwini nasekuguleni futhi angaletha ukuphulukiswa kwemiphefumulo yethu.

Sonke sinempilo yasesidlangalaleni (isiteji esingaphambili) kanye nempilo yangasese (isiteji esingemuva). Isiteji esingaphambili kulapho senza inkonzo yethu ebandleni nasemphakathini. Kulapho sibonwa khona, lapho amehlo abantu ethe njo kithina, nalapho abantu besishayela khona ihlombe futhi besiqinisekisa ngesiyikho nesikwenzayo. Kulesisiteji esingaphambili zonke izinto zihleleke kahle futhi zabekwa ngononina. Yilapho siletha khona umbono sibuye sifake nogqozi ebantwini, ngokuthi sibonise ubuholi obunobunyoningco negunya esilithola kuNkulunkulu. Isiteji esingaphambili simayelana nokwenza. Siphinde sibe nempilo yangasese yangemuva - loku kokubili kuxhumene. Uma singasinaki isteji esingemuva, lokho kuyoholela ekuthini, isiteji sangaphambili sihlephuke sibe-zicucwana. Ngenkathi isiteji sangaphambili siwumhlaba womphakathi, indawo engemuva iyindawo yangasese yekholwa. Isiteji esingemuva siyimfihlo, sihlala simnyama, futhi kwesinye isikhathi sibonise ubudlabha, yilapho ukungavikeleki kwethu kuvezwa khona, kulapho ubuthakathaka bethu busobala khona futhi ukwesaba kwethu okuvelele kubonakala khona. Izethameli kazivunyelwe lapho. I-backstage ayinako ukukhanya futhi kayinayo inkazimulo. Okwenzeka ngemuva kwesiteji kuyasiza futhi kunikeza amandla kuloko okwenzeka phambili. I-backstage imayelana nesiqu sakho.

Ngithandazela ukuthi sichithe isikhathi sokuqinisekisa impilo yesiteji sangemuva nesishade nabo kanye nezingane zethu, okuhlanganisa nokunikeza isikhathi esifanele kwabathandiweyo bethu.

Umphakathi nokuxhumana nabasemphakathini. INingizimu Afrika iyizwe elicebile ngokwehlukahlukana kwamasiko, elibhekene nezinselele zomlando kanye nezindaba zenhlalo yabantu zanamuhla, okulenza libe umphakathi oyingqayizivele nonezici eziningi. Abaholi namalungu e-AFM kuwo wonke amazinga omphakathi kudingeka ukuthi babe neqhaza ekubhekaneni nezinselele ezinkulu ezibhekene nezwe lethu. “Izimpilo” zezakhamizi zasemzansi Afrika kanye “nemithombo yokuziphilisa” kazincikile nje kuphela enhlalakahleni yazo ngokwenyama nangakwezomnotho, izimpilo zabo zincike futhi empilweni ngokwemizwa nangokukaMoya. I-AFM ihlinzeka ngezinkonzo ezibalulekile zokwelusa, isiqondiso ohlangothini lokuziphatha nolukamoya kanye nokunika ithemba emiphakathini yethu.

Isihluthulelo sokuba nomthelela omuhle emiphakathini yethu wubudlelwano obuqinile, izinkundla zokuxhumana kanye nokusebenzisana nabanye ukuze sibe nomthelela omuhle ezindaweni zethu zenkonzo. Ukuthuthukisa ubudlelwano kudinga isikhathi nemizamo. Ukuba nomeluleki esimhloniphayo futhi omkantshubomvu noqondisisa izimo kubaluleke kakhulu njengoba sihlangabezana nenselele yokugqugquzela ubuKristu emiphakathini yethu.

3. UKUKHONZA NGAMANDLA: UKUHLUNYELELISWA KOKULINGALINGANISA IMPILO NGOKOMOYA, NGOKWEMIZWA KANYE NOMUNTU NGAMUNYE

Umfundisi Selby Khumalo Unobhala Jikelele we-AFM yaseNingizimu Afrika

Ukulingalinganisa izidingo zemisebenzi nenkonzo ehlukahlukene nobunkimbinkimbi bempilo yomuntu ngamunye kuvame ukuthi umuntu akuzwe njengento engaphezu kwamandla akhe. Kodwa-ke, kubalulekile ukuthi sikwazi ukulingalinganisa lesisimo esibucayi - hhayi nje enhlalakahleni yomuntu kodwa futhi nasekuphumeleleni kwenkonzo noma lokho umuntu akwenzayo. Lomzamo ungaphezu kwesidingo eijwayelekile; kuwubuciko obudinga umzamo onezinhloso ezicacile, ukubeka phambili okucatshangelwayo, kanye nokuzinikela okuqinile ekuqondiseni izibopho zomuntu nokugcwaliseka komuntu ngamunye. Ngokuqonda lokhu kulingalinganisa, amakholwa angajabulela isipiliyoni esicebe kakhulu nesizuzisayo ekuphileni kwawo okungokomoya nokomuntu ngamunye.

Ukwenza ukuthi impilo yethu ngokomoya ikhule. Ukuphila kahle emoyeni kuyingqikithi, eyisisekelo samandla emizweni nasengqondweni yethu lapho sibhekene nezinselele. Ukuba yinxenye emthandazweni ngezikhathi zonke, ekuzindleni, nokujula ngengqondo kuyizinhlelo ezibalulekile zoxhaso ezisinika amandla nokuqondisisa ngezikhathi ezingenaluzinzo. Ukuzimbandakanya ekukhulekeleni kwebandla nokukhuthaza ukuhlanganyela kujulisa ukholo lomuntu ngamunye kuqinisa ukuxhumana nabanye, futhi kudlondlobalise uhambo lwethu ngokomoya esiluhlanganyele nabanye. Ukubeka imingcele eqinile ezovikela izikhathi esizibekele eceleni ukuze sikhuleke, sidumise uNkulunkulu ngokuzinikela kwethu umuntu ngamunye kudala amathuba okukhula nokuvuseleleka kwemimoya yethu. Ngokuhlela lezizikhathi njengezikhathi ezibalulekile, ikakhulukazi kulesisikhathi esigijima ngesivinini esikhulu nezimo ezingaqinisekile zemvelo, kuletha uzinzo lwesisekelo sokholo lwethu, futhi kuyasihlomisa ukuze siqhubekela phambili, ngesizotha nangendlela ecacileyo.

Impilo ngokwemizwa nangokwengqondo. Ukubeka ukuzinakekela eqophelweni eliphezulu kubalulekile ukuze ugcine amandla nokomelela okuyizinto ezibalulekile obizweni lwethu nokuphila kwethu kwansuku zonke. Ukubona izimpawu zokuqala zokhwantalala kungaba yisixazululo sokuvimbela ukukhathala ngokwemizwa. Kulezimpawu singabala ukuhlala njalo ukhathele, ukucasuka masinya, nokuthanda ukuba ‘yinkomo edla yodwa’. Ukwamukela ngenkuthalo amasu akhaliphile okwelapha ingcindezi kungalithuthukisa kakhulu ikhono lomuntu. Ukuhlala uvocavoca umzimba -

kungakhathaliseki ukuthi uyagijima noma uyahamba, nomikhuba wokudonsa umoya, njengokuphefumula ngendlela ejulile, nokuloba ngenhloso yokugcina imicabango yakho, imizwa yakho nezinye izinto ezibalulekile kunomthelela omuhle emzimbeni futhi kukhuthaza ukuthula kwangaphakathi. Ngaphezu kwalokho, ukuzibophezela emkhubeni wokuzindla ngawe nalokho okwenzayo kuqhakambisa ukuzazi ukuthi ungumuntu onjani, futhi kukunika amandla okwenza izinqumo eziphusile mayelana nemizwa yakho. Ukuzihlola okuhlala njalo kwenziwa kuqinisekisa indlela yokuphila elingalingene, futhi kuvumela isikhathi sokwahlukanisa lokho okuyizidingo kulokho okuyizifiso zethu.

Ukwamukela ukuthuthukiswa nokukhula komuntu. Zonke izinselele esibhekana nazo empilweni zisinika amathuba ayingqayizivele okukhula nenguquko kithina ngabanye. Uma sibhekana nalezizinselele ngengqondo ezimisele ukufunda okuthile kuyo yonke impilo yethu, singaguqula lokho esihlangabezana nakho sikwenze kube yizibuko elisiwezela entuthukweni ebalulekile. Ukuzimbandakanya emihlanganweni yoqeqesho olwenziwa ngochwepheshe, ukufuna amathuba okuzithuthukisa ngakwezemfundo, noma ukuzinika isikhathi sokuzicabangisisa wena, siqu sakho, kujulisa ukuqonda kwakho kuthuthukise nokuzazi ubuwena.

Ukwenza imisebenzi yethu nezinhloso zethu kuhambisane kwakha ubudlelwane obuhle lapho konke esikwenzayo kuvunana khona. Lokhu kuholela emqondweni ojulile wokweneliseka. Ukubeka izinhloso ezingo-ngoqo nezifinyelelekayo kusebenza njengomgwaqo ohambweni lokukhula komuntu, kunikeza amathuba okulandelela intuthuko nokubhiyozela impumelelo, kuqinisekisa ukuthi ukukhula kuhlala kunozinzo futhi kunemiphumela emihle.

4. uMUSA WOKULINGALINGANISA: UKULAWULA ISIKHATHI, UMNDENI NEZIMALI

Umfundisi Rudi Coertzen UMgcinimafa Jikelele we-AFM of SA

Ukugcina isikhathi kuyinselelo ebalulekile. Sivame ukuba nenkinga uma sifika ekulingalinganiseni ubizo lwethu nemisebenzi yezandla esiziphilisa ngayo umuntu ngamunye. Singase sizizwe sicindezelekile ukuthi sibe ngabantu abahlala betholakala, kodwa lokhu kungaholela ekuthini sibe-nokhwantalala. Ukuze silawule isikhathi kangcono, kufanele sisungule imingcele ecacile phakathi

kokuphila komuntu siqu sakhe nobizo noma umsebenzi awenzayo. Sigweme ukuphazamiseka okungadingekile, ikakhulukazi ngesikhathi somndeni. Isibonelo, kungaba ukuthi ungazinaki izingcingo ezingezona eziphuthumayo noma kodwa ubhekane nazo kamuva, kungavimbela ukuphazamiseka futhi kukunike ukuthula. Ukugunyaza abanye ukuthi benze eminye imisebenzi kungaba yisixazululo.

Ukuhlela izikhathi kubalulekile. Kufanele sigweme ukusebenza okunganqamukiyo futhi siqinisekise ukuthi sithatha ikhefu njalo. Ukusebenza ngokweqile ngaphandle kokuphumula kungaholela ekukhathaleni futhi kunciphise nefuthe lokusebenza. Isikhathi sokuphumula nokucabangisisa kubalulekile ukuze ube nokucaciseleka ngokomoya. Njengoba uStephen Covey ephawula ethi, sonke kudingeka "silole isaha" ngokuzenzela isikhathi sokuphumula. Okokugcina, kufanele sibeke phambili ukuphumula ngokuhlela usuku lokuphumula masonto onke. Lesi sikhathi kufanele sichithwe nomndeni, ukuzimbandakanya ezintweni zokuzilibazisa, noma ukuphumula, ukuqinisekisa ukuthi sihlala sinawo amandla nomdlandla wokusebenza ngokobizo lwethu noma ngokwemisebenzi yethu.

Ukuphathwa kwezezimali kubalulekile, noma abantu abaningi belwisana nako. Ngokuvamile impilo yabo incike emiholweni abayithola nyangazonke. Udaba olusemqoka ingcindezi yokuziveza nokuzigcina njengomuntu onempumelelo, okuholela ezikweletini. Ukuba nekhono lokukhokhela izimalimboleko, amakhadi esikweletu, nezinye izindleko kungaba nengcindezi ngokweqile, ikakhulukazi lapho isimo sengqondo siwukuthi imali izohlala ikhona futhi yanele. Isinyathelo sokuqala sokuphepha kwezezimali ukudala isabelomali. Isabelomali sikusiza ukulandelela imali engenayo nephumayo, ukuqinisekisa ukuthi kawuchithi imali engaphezu kwaleyo oyitholayo, okuholela ezikweletini. Ukuphathwa kwezimali okuphumelelayo kuncike ekuthini usebenzisa imali engaphansi kwaleyo oyitholayo nokunamathela kwisabelomali sakho. Umthetho wokwakha isabelomali ngokwenza izigaba ezintathu ezinga-50-30-20 (50% - izidingo; 30% - izifiso; 20% - ukonga) uyisiqondiso esilusizo. Ukwakha isikhwama sezimo eziphuthumayo nako kubalulekile. Ukuba nomholo wezinyanga ezintathu kuya kweziyisithupha ogciniwe kungakunika ukuthula ngesikhathi esibucayi, nokuqinisekisa uzinzo lwezimali ngezikhathi ezinzima.

Lapho sengiphetha, sonke kufanele sibe ngabaholi abayizibonelo uma kuziwa kokweshumi. Okweshumi kubonisa ukwethemba uNkulunkulu njengoMhlinzeki futhi kuyisivivinyo sokholo. Ngokuphatha izimali kahle nokuhlala sithembekile kokweshumi, singathola ukuhlinzekwa nguNkulunkulu futhi sibe nobufakazi obuhle kwabanye.

Umndeni. Lesisihloko senzelwe ikakhulukazi abefundisi bethu. Ubizo lungaba yinselele, futhi abefundisi abaningi babhekana nezikhathi ezinzima ezivivinya ukuzinikela kwabo obizweni lwabo. Ukulingalinganisa ukuphetha ubizo nokuphila komndeni kunzima ikakhulukazi kubefundisi abaningi abancama isikhathi somndeni ukuze bahlangabezane nokulindelwe ibandla. Ekuqaleni kobizo, ingcindezi yokuphumelela ingafiphaza imikhawulo, okungaholela ekuthini umfundisi abe-ngumhlatshelo ongenza ukuthi umndeni wakhe udlule esikhathini esinzima.

Kimina, isehlakalo esibuhlungu emndenini wami sangenza ukuthi ngihlole kabusha izinto ngokubaluleka kwazo. Ngabona ukuthi, noma mina ngithi umndeni wami uza kuqala, ibandla lami layivame ukuba phambili. Ngenza izinqumo ezinzima zokubeka phambili umkami nezingane, ngaqinisekisa ukuthi bahlala besondelene noNkulunkulu futhi bamkhonza ngokwethembeka. Ngaphinde ngavikela izingane zami ekucindezelweni okungafanele okuvela ebandleni. Ngazivumela ukuba zikhule futhi zithuthukise ubuntu bazo ngaphandle kokuphazanyiswa. Isixazululo esiholela obizweni olunozinzo nomndeni onempilo siwukusungula izinto okungeke kuphikiswane ngazo, njengokubakhona emndenini nokubeka imikhawulo evikela abathandiweyo ezimfunweni zeBandla.

Abefundisi kudingeka bagcine izinto zabo ezibalulekile zisemgangathweni, baqinisekise ukuthi umndeni nokholo kuNkulunkulu kuhlala kugxilile. Abefundisi kumele baqaphele ukuthi abakhuthazi isimo sokuncika kumalungu eBandla, okungachaphazela kabi ukuphila komndeni wabo. Ukugunyazwa kwamalungu ukwenza eminye imisebenzi kubalulekile. Abefundisi kufanele baqaphele futhi bathuthukise amathalenta amalungu ebandla labo ukuze banciphise umthwalo osemahlombe abo. Ukudlulisela imisebenzi kwabanye kunciphisa ukucindezeleka futhi kuvimbela ukukhathala, kuvumele abefundisi ukuba bagxile emisebenzini ebalulekile.

SIPHETHO

Masithembele kuNkulunkulu njengoMphilisi wethu, sikholwe ezithembisweni Zakhe, futhi sithandazelane ukuthi siwezwe amandla Akhe asakha kabusha. Njengoba amaHubo 103:2-3 asikhumbuza ukuthi: "Konke engiyikho makudumise uJehova... Uthethelela zonke izono zami futhi welapha zonke izifo zami."

Ukulingalinganisa ubizo nomsebenzi umuntu aziphilisa ngawo uhambo oluyinkimbinkimbi futhi olunokuxhumana. Amakholwa onke angahlumelelisa impilo enelisayo nehlonipha ubizo lwawo nezidingo zomuntu ngamunye. Ukwamukela impilo ngobubanzi bayo kuvula indlela yokuphila okusimeme, futhi okunethezekile, kondla umphefumulo kanye nomsebenzi esiwubizelweyo. Ngokwenza kanjalo, amakholwa amela ngokweqiniso imigomo afisa ukuyidlulisela emiphakathini yawo. Lokhu kuwenza abe nobufakazi obuqhakazile bokholo nokuphila kahle okuletha intshiseko kulabo abahlala nabo.

Ozithobayo!
UDkt Henri Weideman