Ikota Yesi-3 Onyakeni We-2025
September 6, 2025
Ikota Yesi-3 Onyakeni We-2025
September 6, 2025

Mndeni we-AFM,

Ngikhuthaza bonke abEFundisi bethu namaBandla ukuthi bazinike isikhathi sokuchaza izihloko zeNgqungquthela yethu Kazwelonke. Abanye Abefundisi sebeqalile ukushumayela uchungechunge olufushane ngesihloko ngasinye kulezi ezintathu: Umlayezo, Isithunywa, kanye Nendlela yokuwudlulisa. Lezi zihloko zingasebenza njengesiqalo esinamandla sonyaka omusha, zisisize ekuthini sicabange kabanzi mayelana nendlela okufanele silishumayele ngayo iVangeli futhi, okubaluleke kakhulu, ukuthi kufanele siliphile kanjani nsuku zonke iVangeli.

Kule ncwadi yokwelusa, uzothola izindatshana ezihlola lezi zihloko. Siphinde sibe neziqeshana zevidiyo ezivela kulabo ababeyizikhulumi zengqungquthela, wamukelekile ukuzisebenzisa. Zingaba ngamathuluzi alusizo lapho ulungiselela izintshumayelo zakho, noma ungazidlala phakathi nenkonzo, esifundweni seBhayibheli, noma emihlanganweni yamaqembu amancane eBandla ukuze uvulele ukuzindla okujulile nengxoxo ebanzi. Zisebenzise ngokugcwele lezi zinsiza. Laba esizobadalula bakhona ukuze basihlomise, basikhuthaze, futhi basisize ukugcina umongo weVangeli kukho konke esikwenzayo. Ngokusebenzisana nalezi zincwadi, kasigcini nje ngokuqinisa izinkonzo zethu kodwa futhi sijulisa ukuqonda kwethu ukuthi kusho ukuthini ngempela ukuba yiBandla nokuthi abantu abalolongwa iVangeli, baliphila ngokucacile, benesibindi, nenjongo.

UMLAYEZO: IZINDABA EZIBALULEKE KAKHULU EZAKE ZANIKEZWA

Dkt Thomas Swift | UMongameli noSihlalo wesiFunda esaziwa ngokuthi yi: “Better Life Network” | tj.swift@outlook.com

Kunemilayezo eminingi ebalulekile emhlabeni - imiyalezo eletha ithemba, izixwayiso, imiyalelo, noma inkuthazo. Kodwa kunomlayezo owodwa ongaphezu kwayo yonke eminye. Lona ngumlayezo omkhulu kunayo yonke eyake yalethwa esintwini. Kungumlayezo weVangeli. Lapho uJesu ezalwa, ingelosi yamemezela lomlayezo eqenjini labelusi ababethobekile ngalamazwi anamandla akuLuka 2:10 : “Ningesabi, ngokuba bhekani, nginibikela izindaba ezinhle zokuthokoza okukhulu kubantu bonke.” Kusukela ekuqaleni, umlayezo ophathelene noJesu uchazwa njengezindaba ezinhle—izindaba eziletha injabulo, ukuthula, ithemba nensindiso.

Ngacelwa ukuba ngabelane ngalomlayezo omuhle weVangeli ngemizuzu eyishumi kuphela. Ekuqaleni ngavele nganquma kalula nje ukuthi loku: “Akunakwenzeka!” Umuntu angabuchaza kanjani ubukhulu bothando lukaNkulunkulu, incazelo yesiphambano, amandla ensindiso, nomsebenzi weBandla ngemizuzu eyishumi nje? Kodwa iNkosi yabe isingikhumbuza ngendlela emnene ukuthi Yayisivele ikwenzile - ngokuphelele, nangokucacile, futhi okuhle ngevesi elilodwa: NgokukaJohane 3:16. Levesi lilodwa nje liqukethe umlayezo wonke wevangeli ngomusho owodwa. Lichaza inhliziyo kaNkulunkulu, umsebenzi kaJesu, kanye nesithembiso sokuphila okuphakade. Ngamafuphi lichaza Ivangeli ngokwempela.

Umlayezo weVangeli ulula, unamandla, futhi uyayiguqula impilo. Kungumlayezo omkhulu kunayo yonke eyake yanikezwa: Umayelana noYise onothando, iNdodana esindisayo, noMoya ophilisayo. Futhi lo mlayezo awulona nje iqiniso kuphela - ungowomuntu ngamunye. Ungowakho, ungowami, kanye nomhlaba wonke. Kwangathi singawulonda, siphile, futhi sabelane ngawo ngenjabulo.

ISITHUNYWA

Pastor Thandanani Savhasa | UngumFundisi ophethe iBandla leAFM eNaledi-Soweto abuye abenguMqondisi we-AFM ye-SA National Youth, futhi unguMqondisi we-AFM International Youth Department | thandanani.mbuli@gmail.com

Uma sicabanga ngokuba yisithunywa sikaNkulunkulu, kulula ukucabanga ukuthi sihlanganyela imilayezo yenduduzo, yethemba, nenkuthazo. Kodwa eBhayibhelini, ngokuvamile, izithunywa zikaNkulunkulu kwakudingeka zikhulume ezimweni ezinzima. Zaziphethe imilayezo okwakungelula ngaso sonke isikhathi ukuyidlulisa futhi ingathokozelwa yilabo abayizwayo. Omunye umzekelo utholakala kuHabakuki 2. Lo mprofethi waphila esikhathini esinzima sobudlova, sokungabi nobulungisa kanye nenkohlakalo eyayikhungethe izwe. UNkulunkulu wamnika umlayezo wokukhala othi“Maye!” okungamazwi esixwayiso nokwahlulelwa. Lena kwakuyimilayezo yokusola, ebizela abantu ekuphendukeni. Kwakungeyona imilayezo ezwakala kamnandi, futhi ngokuqinisekile yayingenzi ukuthi isithunywa sithandwe. Kodwa yayidingeka ngoba uNkulunkulu wayefuna abantu bakhe babuyele kuYe.

Lokho kwakungumsebenzi woMmemezeli: ukushumayela umlayezo ngokwethembeka, kungakhathaliseki ukuthi kwakunzima kangakanani. Endabeni kaHabakuki, kwakuwumbono wokwahlulela. Nanamuhla, isithunywa sikaNkulunkulu sisenomthwalo obaluleke kakhulu. Izikhathi zingase zehluke, kodwa ubizo lusafana: Khuluma iqiniso, biza abantu ukuthi babuyele kuNkulunkulu, futhi wenze kanjalo ngesibindi nokulalela.

UJesu wayekuqonda kahle lokhu kushuba kwesimo. KuMathewu 10:16 wathi: “Nginithuma njengezimvu phakathi kwezimpisi, ngakho-ke hlakaniphani njengezinyoka, nibe mnene njengamajuba.” Ngamanye amazwi, isithunywa kumele sihlale siphapheme. Asikwazi ukungabi nangqondo noma sibe nobudlabha. Kumele siqaphe, sihlakaniphe futhi sikwazi ukwenza izinqumo ezinhle ezweni elivame ukuphikisana nomlayezo kaKristu.

Ukuba nokuhlakanipha kusho ukuba nekhono lokuthatha izinqumo ezifanele. Kukhuluma ngokuqwashisa okukhaliphile, okunokuqonda kanye nekhono lokufunda kahle izimo. Isithunywa esihlakaniphile siqonda abantu, siqonda ingozi, futhi siyayazi indlela yokubhekana nezinselele ngokuhlakanipha. UPawulu uyawuqinisa lo mbono kweyo -1 kwabaseKorinte 14:20 : “Bazalwane, ningabi ngabantwana ngengqondo, kepha yibani njengezingane ebubini, ekuqondeni nibe ngabakhulileyo.” Nakuba izinhliziyo zethu kufanele zihlale zimsulwa ebubini, izingqondo zethu kufanele zivuthwe, zilawuleke, futhi ziqaphele. IzAga 14:15 zenanela ngendlela efanayo: “Umuntu ongenalwazi ukholwa yikho konke, kodwa ohlakaniphileyo uyaziqaphela izinyathelo zakhe.” Isithunywa esihlala siphapheme kasimane nje samukele yonke into, kodwa sihlola ngokucophelela, silalelisise, futhi senza ngokuhlakanipha.

UJesu akagcinanga nje ngokuthi kumele sihlakaniphe: Wabuye wathi kumele sibe msulwa njengamajuba. Ijuba lingumzekelo wokubamsulwa, ukubamnene, nokungenzi izinto eziyingozi kwabanye. Likhomba izinhloso zenhliziyo. Isithunywa sikaNkulunkulu seqiniso kasizimisele ukulimaza, ukwenza abantu benze izinto ezingafanele, noma ukukhohlisa. Inhliziyo yaso kumele ihlanzeke. Isithunzi sayo kufanele sibe ngaphezu kwesici. Njengoba eyoku-1 Thimothewu 3:7 isikhumbuza, ukuthi igama elihle libalulekile enkonzweni ngoba isithunywa simele umlayezo.

U-Isaya 52:7 unikeza isithombe esihle: “Yeka ukuthi zithandeka kangakanani ezintabeni izinyawo zoletha izindaba ezinhle…” Leli vesi likhuluma ngezintaba namagquma. Lezi zimele izindawo ezinzima - izinselele, ingcindezi, nezimo ezinzima esivame ukubhekana nazo nokuba yisithunywa sensindiso. Ukwabelana ngeVangeli akulula ngaso sonke isikhathi. Ngezinye izikhathi isithunywa kufanele sikhuphuke, sizabalaze, futhi sidlule ezithiyweni ezingokomoya nezingokwemizwa. Kodwa noma bukhona ubunzima, izindaba esiziphathisiwe zingezinhle ukuzedlula zonke ezinye emhlabeni. Futhi lowomlayezo siwuphethe ezandleni zethu - iBhayibheli, iZwi likaNkulunkulu. Abanye bangase bawugcone umlayezo wensindiso. Kanti abanye bangase bawenze inhlekisa. Abanye bangase banqabe ubizo lokuphila okulungile. Kodwa abanye bazowamukela. Abanye bazosindiswa ngoba kwavela isithunywa.

Kunendaba enamandla evela enkomfeni ye-AFMI (AFM International) e-Lusaka. E-KFC, othile wabuza, “Ningabafundisi?” Kumele sikhumbule ukuthi umlayezo sinawo, hhayi nje ezandleni zethu kodwa ezimpilweni zethu. Kwathi uma siphendula, umphefumulo owodwa wasindiswa khona lapho. Lokhu kusikhumbuza ukuthi sigcine umlayezo wethu ulula futhi uzwisiseka. Kwesinye isikhathi kufanele uvele uyinqamule indaba ende bese ubuza umbuzo obaluleke kakhulu: “Ungathanda ukwamukela uJesu njengeNkosi noMsindisi?” Bese uhola umuntu ngothando ukuba athi “Nkosi Jesu…” - Umsebenzi wesithunywa ukuphetha umsebenzi.

Lokhu kusiletha ekujuleni kobizo lwethu. UHezekeli 33 usikhumbuzo ngendlela esangulukile: Uma umlindi engalishayi icilongo, abantu bazokufa. Uma isithunywa singafiki nomlayezo, kuba nemiphumela. Kungakho singekwazi ukuthi "sesishayisile emsebenzini". Ummemezeli kaNkulunkulu uhlala esemsebenzini. Umehluko phakathi kwethu nomsebenzi wenkampani ehambisa izincwadi ulula: Uma bekhumula umfaniswano wabo, basuke bengekho emsebenzini. Kodwa njengezithunywa zikaNkulunkulu, asilokothi siyikhumule ingubo yobizo lwethu. Uma sithi “ishayile” ngokomoya, uma siyeka ukuqapha, uma siyeka ukuletha umlayezo, omunye angase angawuzwa – kanti uma siwulethile umlayezo bekungasindisa impilo yakhe.

Ngakho-ke makhelwane, ungashayisi emsebenzini wobizo lwakho. Khumbula: Uma isithunywa sithula, umyalezo ngeke ufike. Kungakho kufanele sisekelane, sisebenze ndawonye futhi sisizane sikhule sibe ngamaKristu avuthiwe. Kasisodwa kulolu bizo. Sindawonye, ​​siletha umlayezo wokuphila, ithemba, nensindiso ezweni eliwudinga kakhulu.

NDLELA: UKWENZA UMSEBENZI KANKULUNKULU NGENDLELA KANKULUNKULU

mfundisi uTrevor Herbert | USihlalo Wesifunda sase- Western Cape | ultimate@iafrica.com

Uma sikhuluma “ngendlela yokwenza,” abantu abaningi bavele bacabange ngohlelo, umgudu, noma indlela ethe phecelezi yokwenza okuthile. Futhi bazobe beqinisile. Indlela yokwenza akuwona nje umnyakazo - yindlela eyandulela umsebenzi. Isakhiwo, isimo sengqondo, nomoya esiqhuba ngawo esikwenzayo. Izincazelo ezahlukahlukene zichaza indlela yokwenza njengomgudu olandelwayo ukufeza okuthile, inqubo ehanjiswa ngezinsiza ezicacile, noma izinga eliphezulu (ikhwalithi) lokuhleleka nokuba nenjongo kulokho esikwenzayo. Ngamanye amazwi, akukhona lokho esikwenzayo kuphela okubalulekile, kodwa yindlela esikwenza ngayo nayo ibalulekile.

Eminyakeni eminingi eseyadlula, inkampani kaphethiloli eyaziwayo eNingizimu Afrika yasebenzisa isiqubulo esithi: “Akukhona esikwenzayo kodwa indlela esikwenza ngayo, eyenza sibe ngabokuqala.” Leso sisho sisebenza kakhulu nasenkonzweni. EBandleni, siyazi ukuthi sibizelwe ukwenzani. IBhayibheli licacile, futhi umsebenzi wethu awufihlekile. Kodwa futhi uNkulunkulu uyayikhathalela ngokujulile indlela esenza ngayo ukufeza lowo msebenzi. Indlela esenza ngayo isho okuningi ngokholo lwethu njengoba kuhlanganisa nomlayezo wethu.

Ngakho, yini ngempela esiyenzayo? Yimuphi umsebenzi obalulekile weBandla kanye nawo wonke amakholwa? Kalula nje, singabaphathi nabahlanganyeli bezindaba ezinhle zomusa kaNkulunkulu. Siphethe umlayezo wethemba, intethelelo, kanye nenguquko ezweni elisebuhlungwini. UNkulunkulu usiphathise iVangeli - hhayi njengomthwalo, kodwa njengelungelo esiliphiweyo. Asisunguli umyalezo; simane siwudlulise. Futhi siyawudlulisa ngoba uJesu uqobo wasiyala.

Uthumo lwethu lweBhayibheli. Uthumo Olukhulu ngokukaMathewu 28:19-20 luhlala luyisisekelo sobizo lwethu: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhapathize egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya oNgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho; bhekani, mina nginani izinsuku zonke kuze kube sekupheleni kwezwe.”

Lokhu akusona isiphakamiso. Kuwuthumo - umyalo ocacile ovela kuJesu. Uthumo lwethu liwukwenza abafundi. Lokho kuhlanganisa ukuphuma, ukushumayela izindaba ezinhle, ukubhapathiza amakholwa amasha, ukubafundisa, ukuhamba nabo, nokubasiza ukuba bakhule ekulaleleni. Futhi isithembiso simi siqinile: UKristu unathi njalo. Kodwa ngisho nangomsebenzi ocace kanganka, indlela yokwenza ihlala ibalulekile. Indlela esiwenza ngayo lo msebenzi izobonisa ukuthi sikhonza ngokuphumelelayo, ngokunezithelo, nangokwethembeka yini.

Indlela yokwenza lenkonzo yobuKristu inezimpawu ezimbalwa ezibalulekile. Lezi zimpawu zilolonga isimo sethu sengqondo, ukuziphatha kwethu nendlela esiwubheka ngayo umsebenzi woMbuso. Lezizimpawu zingafingqwa ngezingxenye ezinhlanu ezibalulekile:

1. Ukuthobeka Nokuncika.

UJesu usimema ukuba sizithwalele ijoka Lakhe futhi sifunde Kuye, ngoba “umnene futhi uthobekile ngenhliziyo” (NgokukaMathewu 11:29 ). Ukuthobeka akusho ubuthakathaka; kungamandla ngaphansi kolawulo lukaNkulunkulu. Kuwukwazi ukuthi thina kasiwona umthombo wamandla kepha nguNkulunkulu osipha amandla. UJohn Wesley wake wathi, “Kuwubuwula ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu ngaphandle kwamandla kaNkulunkulu.” Lelo qiniso kaliguquki. Indlela yokwenza inkonzo iqala ngokuncika kuMoya oNgcwele. Umthandazo, ukuzinikela, nokulalela akuyona into yokuzikhethela. Lokhu kuyisisekelo sakho konke esikwenzayo. Ngaphandle kokuthobeka phambi kukaNkulunkulu, imizamo yethu iba ukuzikhukhumeza nokuzicabangela, futhi ilahlekelwa amandla ayo akamoya.

2. Ubulula nokucaca.

Umphostoli uPawulu wayewuqonda kahle umsebenzi wakhe. Encwadini yezEnzo 20:24, uthi okwakuyinhloso yakhe kwakuwukuthi “aqede umncintiswano futhi aphothule umsebenzi iNkosi uJesu emnike wona”; owukufakaza ngezindaba ezilungileyo zomusa kaNkulunkulu. Inkonzo akumele ibe yinkimbinkimbi ngokweqile. Umlayezo weVangeli ulula: UJesu uyasindisa. Umsebenzi wethu ulula: Yabelana ngalezo zindaba ezilungileyo ngokwethembeka nangokucacile. Ubulula kabusho ubuvila noma ukukha phezulu. Kusho ukususa imigoqo engadingekile nokugxila kulokho okubaluleke kakhulu. Abantu akufanele badideke ngalokho esikukholelwayo noma ukuthi kungani sikhonza.

ISIPHETHO

UNkulunkulu usiphathise umlayezo Wakhe, kodwa usibizile futhi ukuthi sibe nesimo Sakhe ngesikhathi siwuhambisa. Ukuthobeka, ubulula, intshiseko, ukuhlobana, kanye nendlela yokuphilela uNkulunkulu akuzona izinto ongazikhethela zona - ziyizingxenye ezibalulekile zendlela uJesu aba yisibonelo ngazo kithina. Lapho indlela yokwenza inkonzo yethu ivumelana nenhliziyo kaNkulunkulu, inkonzo yethu iba ngaphezu komnyakazo; iba ukubonakaliswa okunamandla komusa Wakhe ngezenzo. Kwangathi singazinikela nje ekwenzeni umsebenzi kaNkulunkulu kodwa siwenze ngendlela kaNkulunkulu.

Ozithobayo!
Henri Weideman

Articles are an adaptation of the authors’ original work for the purpose of this publication.