Ikota Yesi-3 Onyakeni We-2024
October 4, 2024
Ikota yoku-1 onyakeni we-2025
March 20, 2025
Ikota Yesi-3 Onyakeni We-2024
October 4, 2024
Ikota yoku-1 onyakeni we-2025
March 20, 2025

Mndeni we-AFM,

Sisondele ekupheleni komunye unyaka – uma sibheka emuva siyambonga uNkulunkulu ngakho konke asenzele kona. Unyaka wezi-2024 uzokhunjulwa njengonyaka wenqubekela phambili elethe izinguquko nomnyakazo oya-phambili eBandleni lethu le-AFM yaseNingizimu Afrika. Ngesikhathi kuqhubeka iNgqungquthela kaZwelonke ye-AFM ngenyanga ka-Mandulo, sakhunjuzwa ngezisekelo zeBandla lika-Moya kanye nangomlilo kaMoya Ongcwele osithungelayo futhi usigcine sivutha amalangabi- ukuze sikwazi ukuhamba futhi sibe nomthelela emhlabeni njengabalandeli bakaKristu abagcwaliswe ngoMoya oNgcwele. Umhlaba kanye neNingizimu Afrika udinga ubukhona bukaNkulunkulu.

Kulencwadi yokugcina ebhekiswe kubelusi bamabandla, ngicele ozakwethu abaseHhovisini likaZwelonke ukuthi babhale ngalokho abakucabangayo ngalezi zihloko ezintathu ezilandelayo: (i) Ukuzindla ngonyaka obheke emaphethelweni (2024) kanye nonyaka ozayo (2025), (ii) Ukuzindla nokuphawula ngobufundisi uma kufika ekulingalinganiseni inkonzo abayenzayo nemindeni yabo( iii) Ulawulo lwezimali: Imibono nokucobelelana (tips). Emazwini okugcina, ngabhala ngomlayezo wethemba nenkuthazo – ukuzwakalisa iphimbo likaMoya njengoba singena onyakeni omusha. Ngiyathemba ukuthi lemilayezo esiloba ngayo uzoyifumana ilusizo futhi iyizinto ongakwazi ukuzenza.

UKUZINDLA NGONYAKA OBHEKE EMAPHETHELWENI (2024) KANYE NONYAKA OZAY0 (2025)

UDkt uHenri Weideman; Umfundisi uBarend Petersen; Umfundisi uSelby Khumalo; Umfundisi uRudi Coertzen

UDkt uHenri Weideman:

Uma sibheka emuva kulonyaka we-2024, kuningi okufanele sikubonge futhi sikujabulele njebandla elingumndeni. Kulo nyaka siqalise ngokulolonga ubuholi ngaphansi kohlelo esilibiza ngokuthi yi- AFM Legacy Leadership Program, Loku kube yisinyathelo esibalulekile ekuhlomiseni abaholi ngekusasa. Sibuye sabona uMnyango Wezenhlalakahle ebandleni (Welfare Department) uba-nozinzo, uqinisekisa ukuthi singakwazi ukuqhubeka nokweseka labo abasweleyo ngendlela enomfutho.

Umnyango wethu ofundisa ezenkolo (Theological Education) uthathe igxathu elikhulu ngokuqinisa isisekelo sokuqeqesha ngendlela ephusile neletha ukukhula ngokukaMoya ngendlela ejulile kumalunga onke alwamukele ubizo lukaNkulunkulu enkonzweni. Siphinde sabeka isisekelo esiqinile sokusheshisa Ukukhula KweBandla. Lokhu kusilungiselela igalelo elizoba nomthelela omuhle eminyakeni ezayo.

Kukho konke lokhu, sibonga ukuqondiswa nguNkulunkulu. Sibonga nokuzinikela kwabo bonke ababeneqhaza ngokubambisana ukuze konke lokhu engikuphawule ngaphezulu kube yimpumelelo. Ngempela, unyaka we-2024 ube unyaka wenqubekelaphambili nonyaka othembisayo! Sibheke phambili ekufinyeleleni emazingeni aphezulu nempumelelo onyakeni ozayo we-2025.

Umfundisi uBarend Petersen:

Isu lokutshala nokuvuselela Amabandla e-AFM lube nomfutho omkhulu onyakeni we-2024. Ngokusebenzisa ama-‘mojula’ okuqeqesha kanye neziqondiso ezingasetshenziswa, abaholi bebandla lethu bahlonyiswe ngaso, amasu okutshala amabandla amasha nokuvuselela amabandla. Ngaloluqeqesho, sivuselela ngomthandazo isipho sikaNkulunkulu, ngokuka-2 Thimothewu 1: 6-7 ukuze sihlomise futhi sinikeze abefundisi bethu nabaholi amandla okukhulisa amabandla ethu e-AFM ukuze abe nomthelela omkhulu futhi simise uMbuso kaNkulunkulu. Umfutho ovezwe yimpumelelo yohlelo lokuqeqesha uvuse ukuzibophezela okusha ekushumayeleni ivangeli kanye nemizamo yokutshala amabandla. Lokhu kukubeka i-AFM ekukhuleni okusimeme kanye nokubaluleka kwenkolo kulesisikhathi nemiphakathi eguquguquka njalo. Ezweni elinokwahlukana kunangaphambili, i-AFM ebumbene ithweswe umthwalo wokuba usawoti womhlaba nokukhanya kwezwe.

I-AFM Campus Ministries isebenza emaNyuvesi ayishumi (10) futhi imisebenzi yawo ihlanganisa imihlangano yokucobelelana ngolwazi lobuholi, ukushumayela ivangeli kanye nezimvuselelo, imithandazo yezivivinyo, izinkonzo zangeSonto kanye nemihlangano yemikhuleko masonto onke. Umphumela wocwaningo owenziwe uMnyango waBasha ezingeni liKazwelonke, mayelana nezizathu zokuthi kungani iBandla lethu lilahlekelwa abasha bethu abaningi usacutshungulwa Ngabaholi Behhovisi Likazwelonke.

Umfundisi uSelby Khumalo:

Njengoba sicabanga ngonyaka odlulayo futhi sibheke phambili kowezi-2025, besakha izinhlaka ezibalulekile okuhloswe ngazo ukuthi sibe namasu okuthuthukisa ukusebenza kahle kwe-AFM, ukuhleleka kothumo lwethu nendlela ebheke phambili. Senze lokhu ngeimibhalo emithathu elandelayo:

  1. Isu le-AFM elinohlaka lokuxhumana (AFM Communication Framework Strategy)
  2. Isu Le-AFM lokulungiselela iNkomfa nenNgqungquthela kazwelonke
  3. Isu le-AFM eliphathelene nempilo yabelusi bamabandla.

Lezi zinhlaka zenzelwe ukuthi iBandla lethu libe nefuthe elizoba nomthelela omusha kanye nenqubekelaphambili ebonakalayo. Ngaphezu kwalokho, iHhovisi Likazwelonke le-AFM, lizibophezele ekuqhubekeni ukuphakamisa izinga lokwethembeka kwemininingwane yeBandla (data) nokusebenzisa imigudu ezoqinisekisa imininingwane yamabandla nabelusi bawo. Lokhu kubalulekile ekukhuphuleni izinga lokwethenjwa, ukuqinisekisa imininingwane, kanye nokwazi ukuziphendulela.

Njengoba sizilungiselela ukungena esikhathini esisha, singena sigxilile ekuzinikeleni kwethu ezisekelweni ezibalulekile zokuziphatha njengeBandla likaMoya (Pentecostalism). Sithola amandla emzwini asiqinisayo ukuthi “uNkulunkulu wenza zonke izinto zisebenzelane ukuze kuzuze thina.”— KwabaseRoma 8:28 . Ngokuqiniseka nangokuzimisela, silindele imiphumela emihle yemizamo yethu emabandleni ethu, emindenini nasemiphakathini yethu. ​​Sizocaba, sindawonye, indlela eyaphambili yokholo nenhloso.

Umfundisi uRudi Coertzen:

Kuyinhlanhla enkulu ukuba lilunga le-AFM yaseNingizimu Afrika. Leli bandla lingumfanekiso wobizo lukaNkulunkulu ngendlela elenza ngayo nangendlela elifeza ngayo inkonzo yalo. Futhi kulonyaka, asibonanga nje ukukhula kwamanani amalunga alo, kodwa sibone nokukhula kwethu ngabanye ezimpilweni zethu nasezimpilweni zamalungu ethu. Nomaphi lapho ngihamba khona ngibona umehluko owenziwa ngamabandla ethu emiphakathini yawo.

Ngibone abanye bafinyelela kubantu abazizwela bengaphephile kanye nabantu abadala, kanti abanye bona bebaphakela abantu abasweleyo ukudla nsuku zonke. Abefundisi bethu namalunga, njengezinceku zikaNkulunkulu, basebenzisa umbono wethu ukwandisa umthelela weqhaza labo ngokushumayela nokwabelana ngezindaba ezinhle nokwenza ukuthi umlilo uhlale uvutha. Sengathi, sonke, uNkulunkulu angasipha isibindi sokuqhubeka nomsebenzi omuhle.

UKUZINDLA NGENKONZO YOKWALUSA: UKULINGALINGANISA UBIZO NEMPILO

UDkt uHenri Weideman; Umfundisi uBarend Petersen; Umfundisi uSelby Khumalo; Umfundisi uRudi Coertzen

UDkt uHenri Weideman:

Ukulingalinganisa ubizo nomsebenzi wenkonzo nempilo yomndeni kungaba yinto enzima, kodwa kubalulekile kubefundisi nemindeni yabo ukuze bahlale bephile kahle futhi besebenza ngempumelelo. Qala ngokubeka imingcele ecacile phakathi komsebenzi nekhaya kanye nokuhlela isikhathi somndeni esingenakuguqulwa nje kalula. Beka eqophelweni eliphezulu umlingani oshade naye, kanye nezingane zakho. Ungakwenza lokhu ngokuthi ubekhona emndenini, hhayi nje ngokomzimba kodwa nangemizwa nozwelo. Xoxisana ngokukhululekile nomndeni wakho ngomsebenzi wakho futhi, lapho kunokwenzeka, ubabandakanye ezinqumweni eziphathelene nezinhlelo zakho. Nikeza imisebenzi ebandleni kubaholi abathenjwayo ukuze ungathwali imisebenzi yebandla wedwa. Okubaluleke kakhulu, khumbula ukuthi uNkulunkulu wazisa umndeni wakho ngendlela efanayo nobizo lwakho - kokubili kuyingxenye yesu Lakhe ngempilo yakho.

Kusukela ekuqaleni kobizo nomsebenzi wami, mina nomkami sasihlela ubusuku obubodwa isonto ngalinye “njengobusuku bethu bezothando.” Sikwenza lokhu ngokuthi siye ndaweni-thizeni ukuze siphuze ikhofi, noma sichithe isikhathi sindawonye - ngaphandle kokukhuluma “ngomsebenzi”. Ngokuhamba kweminyaka, uma kuvela isimo esiphuthumayo kwakudingeka siguqule lesisikhathi sokuba ndawonye sisiyise kobunye ubusuku ukuze siqhubeke nokuhlangana. Loluguquko luba khona, uma kunokuthile, okuphuthumayo, okudinga ukulungiswa. Okunye engikuthola kuwusizo ukuhlubula “izingubo zomsebenzi” ngigqoke “izingubo zasekhaya” uma ngifika ekhaya. Lokhu kusiza ekuguquleni isimo sengqondo, ngisuke emsebenzini ukuze ngibe sekhaya nomndeni wami. Ngesikhathi indodakazi yethu isesekhaya, ngangihlela njalo “isikhathi” nayo lapho sasixoxa nganoma yini efuna ukukhuluma ngayo nami. Lokhu kuhambe ibanga elide ekuqinisekiseni ukuthi kuze kube yimanje sisenobudlelwano obuhle nobuvulelekene.

Umfundisi uBarend Petersen:

Sonke sinempilo yasesidlangalaleni (isiteji esingaphambili) kanye nempilo yangasese (isiteji esingemuva). Isiteji esingaphambili kulapho senza inkonzo yethu ebandleni nasemphakathini. Kulapho sibonwa khona, lapho amehlo abantu ethe njo kithina, nalapho abantu besishayela khona ihlombe futhi besiqinisekisa ngesiyikho nesikwenzayo. Yilapho sifaka khona ugqozi ebantwini, ngokuthi sibonise ubuholi obunobunyoningco negunya esilithola kuNkulunkulu. Isiteji esingaphambili simayelana nokwenza. Siphinde sibe nempilo yangasese yangemuva - loku kokubili kuxhumene. Uma singakunaki ukuphila kwasesiteji okuhlanganisa nomndeni wethu, impilo yethu yomkhuleko, ubudlelwano bethu ngamunye noNkulunkulu noma nokulawula izimali zethu umuntu ngamunye - isiteji esingaphambili siyogcina siwile. Ngenkathi isiteji esingaphambili simela ubuholi esidlangalaleni noma emphakathini, isiteji esingemuva simela impilo yangasese yobuholi. Izithameli azivunyelwe kusona njengoba inkundla yangemuva ingenakho ukukhanya futhi ingenankazimulo. Okwenzeka ngemuva kwesiteji kuyasiza futhi kunikeza amandla kulokho okwenzeka phambili. Isiteji sangemuva siphathelene nawe uqobo lwakho. Umuntu kayikuphila ngesinkwa sodwa kodwa nangamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.

Umfundisi Selby Khumalo:

Ezindimeni zethu njengabaholi bakamoya, sigxile kakhulu ezisekelweni nezimiso zomndeni, esikubonisa ngokuziqhakambisa nokuzigcina. Siyaqaphela ukuthi ubuholi obunomthelela bumayelana nokuqondisa abanye kanye nokukhulisa ukuxhumana okujulile phakathi kwemindeni yethu. Kulokhu, sibeka phambili umkhuleko nokufunda imibhalo, sizwisisa ukuthi ukukhula ngokomoya kubalulekile ohambweni lwethu lukamoya esiluhamba ngokuhlanganyela. Ngokufanayo, sigcizelela ukubaluleka kokuba nesikhathi esinohlonzo nemindeni yethu, njengoba impilo nesimo sasekhaya esinozinzo sinomthelela omuhle kwinhlalakahle nasohlangothini lwempilo kamoya.

Umfundisi uRudi Coertzen:

Lesi sihloko sidebeselwa kalula ngabaholi bethu abaningi. Abaningi bacabanga ukuthi uphumula kuphela lapho ukhathele kanti izikhathi eziningi siphumula kuphela ngemuva kokwesabiswa yisimo esidalwa ukhwantalala (depression). Kodwa akuyona indlela uNkulunkulu ayesihlelele yona leyo. Injongo yakhe iwukuthi sikhonze sisesimweni sokuzola. Siyaphumula ngaphambi kokuthi siqale umsebenzi wethu ukuze sibe nomdlandla futhi sikwazi ukwenza umsebenzi ezingeni eliphezulu. Lapho siphumule ngokwenele, kulula ukuthi abantu baphilisane nathi. Imindeni yethu, echaphazelekayo, ngezinye zikhathi, ngenxa yokuxhamazela kwethu, ingasibona singabantu abaziphatha kangcono ekhaya nasehhovisi uma singabantu abazolile. Njengoba singena esikhathini sokuphumula, khumbula ukuthi ukuphila akuwona nje umsebenzi onzima, kodwa sidinga isikhathi sokuzindla, ukucabanga nokuhlela ukuthi sibe ngabantu abangcono kakhulu kunangaphambili. Thokozela lesi sikhathi sokuphumula!

UKUPHATHWA KWEZIMALI: IMIBONO NOKUCHUSHISANA (TIPS)

UDkt uHenri Weideman; Umfundisi uBarend Petersen; Umfundisi uSelby Khumalo; Umfundisi uRudi Coertzen

Udkt uHenri Weideman:

Ukuphatha izimali zakho ngendlela efanelekile kubalulekile kuwo wonke umuntu ukuze ugweme ingcindezi engadingekile futhi ube yisibonelo esihle kwabanye. Qala ngokwakha isabelomali (budget) esilula esizokwazi ukubonisa imali engenayo nephumayo, ukuze uqiniseke ukuthi uphila ngokwamandla emali onayo. Gwema izikweletu ezingadingekile, futhi uma unemali mboleko, sebenzela kuyikhokha kancane kancane. Yonga ingxenye yeholo lakho njalo, ngisho noma kuyimali encane, ukuze ulungiselele izimo eziphuthumayo nezidingo zesikhathi esizayo. Hlakanipha ekusebenziseni kwakho imali—hlukanisa phakathi kwezidingo nezinto ozifunayo zibe zingabalulekile, futhi ubeke kuqala izinto ezibalulekile, umzekelo kungaba ukuba nomuzi, ukudla, nokwazi ukunikela. Okokugcina, thola iseluleko lapho kudingeka, kumeluleki wezezimali noma umeluleki omethembayo, ukuze uqinisekise ukuthi izimali zakho zihlala zisemkhondweni ofanele.

Kusukela ngenyanga yami yokuqala njengomfundisi, ngigcina isabelomali sanyanga zonke encwadini emnyama eyenzelwe ukuthatha imininingwan, obukhulu bayo ngu-A4). Kulencwadi ngibhala okweshumi kwami, imali engiyifumene kanye nezindleko. Ngokugcina isabelomali, ngiqinisekisa ukuthi angisebenzisi ngaphezu kwalokho engikutholayo. Ngiyaqinisekisa futhi ukuthi ngilondoloza okuthile ukuze ngihlinzekele umhlalaphansi. Omuny nomunye wethu “angadela” okuthile futhi leyo mali ayisebenzisele impesheni yomhlalaphansi noma enye into efanayo. Kithina, asikaze sibe nayo (futhi namanje asinayo) i-DSTV.

Umfundisi uBarend Petersen:

Kaningi siziqhayisa ngalokho esinakho, kanti izimboni zezokukhangisa zihlala zisikhumbuza izinto esingenazo, futhi okufanele silangazelele ukuba nazo. Ukulingalinganisa izidingo zethu kanye nezinto esizifunayo ngokwesimo semali esinayo kungumsindo ohlala ukhona futhi kudingeka ukuthi sisebenzise ubuhlakani nolawulo lwezimali zethu olufanele futhi siphile ngokuya ngezimali esinazo. Ngiye ngafunda, isibonelo, ukuthi ukubekelela izimali ezimpahleni ezinamandla okwenza inzuzo, ngokwesibonelo, izakhiwo kanye nezimali zemihlalaphansi, kubonakala kunembuyiselo engcono ngokuhamba kwesikhathi kunokushintsha izimoto ezinenani elishesha ukuncipha.

Umfundisi uSelby Khumalo:

Sizibophezele ekulawuleni ngendlela efanele izinsiza esiphathiswe zona. Ukuhlela kahle izimali kanye nokusungula uhlelo lokulondolozela izimo ezingalindelekile akuzona nje izinqubo ezihlakaniphile; kodwa ziyingxenye ebalulekile kwinhlalakahle yethu. Ukuba nesimo sokucabangela phambili ekuphathweni kwezimali kwenezelela ukomelela kwethu namandla okusebenzela imindeni yethu namabandla ngendlela ephumelelayo.

Umfundisi uRudi Coertzen:

Indlela engcono kakhulu yokuphatha izimali zakho ukuthumela imali yakho ezindaweni ezifanele. Sikwenza kanjani lokho? Ngokusebenza ngokuvumelana nesabelomali (budget). Uma ungenaso isabelomali, uzothola ukuthi ukuphela kwemali yakho kuza ngaphambi kwenkokhelo elandelayo. Kuzoba nzima futhi ukusho ukuthi wenzeni ngemali yakho. Isabelomali siwumhlahlandlela wokusebenzisa imali yakho ezintweni nasezintweni ezibalulekile kuwena nomndeni wakho. Ngaphandle kwesabelomali, sivame ukuthenga izinto esingazidingi futhi ngokuvamile sigcina sicwile ezikweletini. Isabelomali sakho sizokusiza ukuthi uhlele kusenesikhathi.

Wonke umuzi kufanele ube nendawo yokuphephela enesamba okungenani sezindleko zezinyanga ezintathu ku-akhawunti ongakwazi ukuzikhokhela uma uhlangabezana nesimo esibucayi. Ngaleyo ndlela asikho isimo esibucayi esizoba yinkinga, ngoba uzobe unezindlela zokunqoba nokuphatha izithiyo zezezimali. Ukuzizwela uphile kahle wukuba nesidleke samaqanda esizokusiza ukuthi uphile impilo engenangcindezi ngakwezezimali.

ISIPHETHO

UDkt uHenri Weideman

Njengoba sizongena onyakeni omusha, asiwamukele ngethemba nokholo lokuthi uNkulunkulu usibekele izinto ezinkulu njengabefundisi, imindeni, namalungu ebandla. Ngikholwa ukuthi unyaka we-2025 akuwona unyaka wokuthi sihlale bese sigcina lokho esesikuzuzile noma sinamathela kulokho okusenza sizizwe sithokomele. Esikhundleni salokho, yisikhathi sokuqala kabusha - ngokomoya, ngokwemizwa, ezimpilweni zethu nasezinkonzweni zethu.

Ngikholwa ukuthi uNkulunkulu usibizela ukuthi siphuphe kakhudlwana, simethembe ngokujulile, futhi singene ezindaweni esingakaze sizicabange ngaphambili. Izinselelo zingafika kodwa khumbula ukuthi amandla Akhe enziwa aphelele ebuthakathakeni bethu. Sisonke masiqhubekele phambili ngesibindi, sazi ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kithina uyakuwufeza. Qhubekelani phambili ngokukholwa, qhubekani ngokwakha, futhi niphokophele ukuya phambili - ngoba uma sinoNkulunkulu, okuhle kakhulu kuseza!

Ngezilokotho zobungane!
UDkt uHenri Weideman