Ikota yesi-2 onyakeni we-2025
June 26, 2025
Ikota Yesi-4 Onyakeni We-2025
December 5, 2025
Ikota yesi-2 onyakeni we-2025
June 26, 2025
Ikota Yesi-4 Onyakeni We-2025
December 5, 2025

Ubizo lwe-AFM

Ubizo lwe-AFM, njengezithunywa zikaNkulunkulu lugcizelela ubunye nokusebenzisana kwamakholwa angamaKristu, nokwamukela ukuthi siyingxenye yeBandla likaNkulunkulu ngobubanzi balo, nokuthi kasiyona inhlangano ezimele yodwana. Isisekelo salokhu sisemthandazweni kaJesu wobunye eVangelini ngokuka-Johane 17:20-21 kanye nenkuthazo kaPawulu kwabase-Efesu 4:3-6. Lolu bizo luyinselele ukuba sidlule ekuzibekeni eceleni kodwa sibe nesithombe esigxile eMbusweni ezigqondweni zethu. Ngokuhloniphana nokubambisana namanye amabandla, i-AFM ifuna ukukhombisa amandla obunye bobuKristu, ibonise umhlaba ukuthi uJesu wayethunywe nguNkulunkulu ngempela. Lobu bunye abusho ukufana noma ukuncintisana, kodwa kumayelana nokuhloniphana, injongo esivumelana ngayo, kanye nokuqhubekisela phambili i-Vangeli sindawonye.

I-AFM ikholelwa ekuthini ukukhula koMbuso kaNkulunkulu kuxhomeke ebuhlotsheni obuqinile namanye amabandla abonisa impilo nokuhlanganyela ngenkuthalo emizamweni yawo.

Noma lokhu kungenzeka ngokugubha imicimbi ebalulekile yobuKristu si-ndawonye, ​​ukubambisana ukuze sifinyelele imiphakathi, noma ukusebenzisana ezinkundleni zikazwelonke nezamazwe ngobubanzi bawo, umgomo ucacile: “Uwukuqinisa ubufakazi beBandla nokuba nomthelela omkhulu.”

Kulolu-shicilelo lwencwadi ebhekiswe kubelusi bamabandla, sicele uDkt. Henri Weideman (uMongameli we-AFM yaseNingizimu Afrika) ukuthi abike futhi abelane ngemibono nalokho akucabangayo mayelana nobudlelwane benkonzo yethu namanye amasonto ezinkundleni zokuxhumana emhlabeni. Sithemba ukuthi kuzogqugquzela futhi kucebise imizamo yakho enkonzweni wena-siqu sakho, njengoba siqhubeka nokwabelana ngeVangeli futhi sizuzela uMbuso imiphefumulo.

AMABANDLA KAMOYA EMHLABENI WONKE

Inkomfa yamaBandla kaMoya ebikade ibuthene ihlandla lamashumi amabili nesikhombisa (27th) yahlangana kusukela zi-4-7 kuNhlangulana onyakeni ophezulu endaweni ehlaba umxhwele ebizwa ngokuthi i-Helsinki Ice Hall, ezweni laseFinland. Lengqungquthela yomhlaba wonke, esingathwa njalo ngemuva kweminyaka embalwa, yayihanjelwe ngabaholi bamaBandla ka-Moya, abeFundisi, izithunywa zevangeli, namakholwa ayevela emhlabeni wonke. I-AFM yaseNingizimu Afrika yayimelwe ngaBaphathi-Zikhundla behhovisi leBandla lethu likazwelonke. Bahlanganyela nezinkulungwane zabanye endumisweni, ekufundiseni, nasekuhlanganyeleni.

Umhlangano we-Komidi lokweLuleka lahlangana ngoLwesibili, 3 ku-Nhlangulana, eMaria Hotel eseHelsinki, ngaphambi kokuqala kwengqungquthela ngokusemthethweni. Kulomhlangano, uDkt. Henri Weideman, obesesebenze isikhashana eKomidini Lokweluleka, wakhethwa ukuba asebenze njengomunye wamalungu ayisikhombisa eKomidi Eliphethe le-Pentecostal World Fellowship (PWF). Lokhu kuqokwa kuyingqophamlando ebalulekile ku-AFM yaseNingizimu Afrika. Ibandla lethu lingelinye lamalungu asungula i-PWF, lokhu kuwukuqinisa izwi lethu kanye nobukhona bethu emkhankasweni womhlaba wonke wamaBandla kaMoya.

Indikimba yenkomfa yalo nyaka ibithi “Hamba Uyokwenza” – okucashunwe ngqo kuMyalelo Omkhulu kaJesu Kristu kubaFundi Bakhe. Indikimba isebenze njengenselele yokuthi senze: yabuye yahlomisa amakholwa, abefundisi, nabaholi bamabandla ngamathuluzi asebenzayo kanye nombono omusha wezinkonzo zabo. Abahleli balengqungquthela baphumelele ekwakheni isimo sokuthi labo abahambele le-Nkomfa bagqugquzeleke futhi bahlonyiswe ngempela ukuthi uma sebebuyela ekhaya bakwazi ukwenza umehluko ezimweni abazithola bekuzona.

Ingqungquthela Yomhlaba Yamabandla kaMoya ingumhlangano omkhulu, futhi kulo nyaka kube sobala ukuthi lomhlangano wendulelwa ngamalungiselelo ajulile kanye nokuhlangabezana nayo yonke imininingwane eyayidingeka.

zikhathi zazihlelwe kahle, izikhulumi zazikhaliphile kakhulu, futhi indumiso ikugxile kuNkulunkulu. Ngokungathandabuzi, labo ababekhona, baphawula ngendlela uhlelo lwakwazi ngayo ukuhlanganisa ukujula ngokukamoya noqeqesho okuwusizo.

INgqungquthela ivulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu, zi-4 kuNhlangulana, lapho uMfundisi uRick Warren ethula umlayezo obalulekile ngokutshalwa kwamabandla. Waziwa emhlabeni wonke ngomsebenzi wakhe ekukhuleni kwebandla nasekufundiseni. UWarren akagcinanga nje ngokukhuthaza kodwa wabuye waphonsela inselelo kubaholi ukuthi bacabange ngamaqhinga angabasiza ukwandisa amabandla ngokuphindaphindiwe emhlabeni wonke. NgoLwesine, uphinde wahola inkonzo yokucobelelana ngolwazi ngaphansi kwesihloko esithi “Inhliziyo Yomfundisi,” lapho akhumbuza khona abaholi ukuthi inkonzo ayigcini nje ngombono nesakhiwo, kodwa imayelana nozwelo, ukuzithoba, nobuholi obukwazi ukusebenzela abanye. Izinkonzo zantambama zaleNgqungquthela, bezinohlelo olungajwayelekile: Izinkulumo ezine ezimfushane zemizuzu eyi-15 ngayinye, zilandelwa yingxoxo yephaneli eyenganyelwe uDkt. Ed Stetzer. Lesi sakhiwo savumela imibono eminingi eyahlukene ukuthi izwakale futhi sakhuthaza abahambele iNgqungquthela ukuthi bacabange ngemibono eyahlukene.

Phakathi kwezinto eziningi ezivelele, iseshini eyodwa yagqama kakhulu: Umlayezo kaChristine Caine, ngoLwesine kusihlwa, wokushumayela iVangeli. Wanxusa ibandla emhlabeni wonke ukuba lingadebeseli ukushumayela iVangeli likaJesu Kristu elingaxutshwe nalutho, ekwenza lokhu ngomkhulu umdlandla, nangesibindi. Abaningi ababehambele leNkomfa bachaze iqhaza lakhe njengelinamandla, elishukumisayo, nelikhuthaza ngendlela ejulile. Indumiso nokuzehlisa phambi kukaNkulunkulu kuhlala kuyingxenye ebalulekile yanoma yimuphi umbuthano wamaBandla kaMoya, futhi kulo nyaka akuzange kwehluke. Amaqembu ahlukene eNdumiso ayedumisa ngezikhathi ezahlukahlukene, kodwa okwakugqama kwakungelona ikhono noma ubukhazikhazi babaculi - kwakuwukugxila kwangempela kuNkulunkulu. Isimo sasingesokudumisa okusuka enhliziyweni nokukhuleka okujulile, sidonsela ababekhona ebukhoneni beNkosi.

Ngaphezu kwamaseshini amakhulu, kwenziwa izinhlobonhlobo eziningi zemihlangano yokucobelelana ngolwazi. Le mibuthano emincane yavumela ukufundisa okugxile kakhulu ezindaweni ezithile zenkonzo. Izihloko ezilandelayo zazifakiwe:

  • Inkonzoeyenziwa ngamandla kaMoya oNgcwele.
  • Ukufinyelela isizukulwane esilandelayo (“Hamba Uyokwenza”
  • Esizukulwaneni Esilandelayo).
  • Inguquko emphakathini.
  • IVangeli kanye nezindawo zokuhwebelana.
  • Ukwenza inkonzo yezingane ngendlela eyahlukile.
  • Ukuvuselelwa kweBandla kanye nokutshalwa kwamabandla.
  • Ukwakha isimilo esizukulwaneni esilandelayo.
  • Ukuxhumana ngezindlela ezintsha enkonzweni.
  • Ukwakha ubunye bobuKristu.

Ukwahlukahlukana kwezihloko kwaqinisekisa ukuthi kukhona okuthile kuwo wonke umholi neNceku yebandla okufanele babuyele nako ekhaya futhi bakusebenzise. Enye yamandla eNgqungquthela Yomhlaba YamaBandla kaMoya ukuthi ihlanganisa amaphimbo avela emhlabeni wonke. Abesifazane babemelwe kakhulu kulo-nyaka, futhi izikhulumi zabesifazane ezimbalwa zishiye umbono ojulile. UChristine Caine ekanye no-Sophia Barrett, u-Amy Orr-Ewing, uCarla Hornung, uRebecca Palmi, nabanye - benikela ngemibono emisha nenamandla.

Amazwe ase-Afrika nawo ayenamandla kakhulu futhi amukelwa kahle. Izikhulumi ezinjengoDenis Mukwege, u-Isaiah Dau, uJulius Rwotlonyo, noGoodwill Shana bakhumbuza izethameli zomhlaba wonke ngentshiseko, isibindi, kanye nephimbo lesiprofetho lebandla lase-AfrikaAbantu abasha baphinde baba nenkundla evelele. Abaholi abafana noTeo Hayashi, Carla Hornung, Augustine Mendoza, kanye noTerry Parkman, phakathi kwabanye, babebonisa uthando olucacile lokubona abantu abasha befinyelelwa, befundiswa, futhi bebuthelwa othumweni lwe-Vangeli. Lokhu kufakwa ngamabomu kwentsha kwakuqabula futhi kudingekile ukuze lenhlangano kaMoya emhlabeni wonke ibe-nekusasa eliqhakazile.

Njengoba iNgqungquthela ibimayelana nokufundisa nendumiso, yayihlanganisa nobudlelwane. Lapho umuntu edlula ezindaweni zemihlangano, wayezwa izingxoxo ngezilimi ezahlukene. Ubuhlobo bakheka, abantu ababejwayelene nabo bavuselela ubuhlobo, kwaqiniswa ukusebenza ngokuxhumana (Networks). Kwabaningi ababekhona, kwaba yithuba lokuxhumana nabazalwane abavela kuwo wonke umhlaba. Lokhu kwakubalulekile ngendlela efanayo neyezinkonzo zomhlangano. Njengokulindelekile, ukuya eNgqungqutheleni yaseFinland nakho kwakuhambisana nokwahluka kokwenza noma kwamasiko okwakubonakala. Nakuba isikhangiso kwakuyisimo sezulu sasehlobo, ngezinye izikhathi sasikhumbuza ithimba laseNingizimu Afrika ngobusika obupholile ekhaya. Kwakukhona imvula, kodwa isimo sezulu sasisihle ngokwanele ukuba sihambe emigwaqweni emihle yaseHelsinki. Mhlawumbe into engavamile kakhulu ezivakashini eziningi kwakuwukuthi ilanga lalingashoni. Ukukhanya kwemini kwakungamahora amade. Kwakudingeka ukuthi umuntu afunde ukulala kukhanya phandle!

INgqungquthela Yomhlaba YamaBandla kaMoya eyayibanjwe ihlandla lama-27 e-Helsinki izokhunjulwa njengesikhathi sombono omusha, indumiso ekhuthazayo, nobudlelwane obunenjongo emhlabeni wonke.

Indikimba ethi “Hamba Uyokwenza” akuzange kukhulunywe ngayo nje kuphela kodwa kwaphinde kwavela, njengoba ababekhona bahamba ngokuzibophezela okuvuselelwe ekwenzeni abafundi nokutshala amabandla emhlabeni wonke. Ku-AFM yaseNingizimu Afrika, bekungumzuzu obalulekile. Umndeni wethu weBandla umi kahle ekufakeni isandla ngendlela ephusile engxoxweni eqhubekayo yomhlaba wonke kumaBandla kaMoya.

Njengoba sicabangisisa ngaleNkomfa, masiqhubeke sithandazele ibandla kuwowonke umhlaba, abaholi abanomthwalo wokuziphendulela kulezi zikhathi, kanye nomndeni wethu we-AFM njengoba sifuna ukuphila ngobizo lukaJesu eNingizimu Afrika nangale kwayo.

UKUFUNDA KUNHLANGANO EBIZWA NGOKUTHI YI-M4 E-YUROPHU: UKUTSHALWA KWAMABANDLA E-NORWAY

Kusukela mhla ziyi-11 kuya mhla ziyi-13 kuNhlangulana onyakeni ophezulu, abaphathi Behhovisi Likazwelonke (NOB) be-AFM yaseNingizimu Afrika, kanye noMfundisi uNico Nel, bahambela iNgqungquthela Yokutshalwa KwamaBandla ye-M4 Europe eKristiansand, eNorway. Njengoba kakade sase sihlelelwe ukuba seFinland eNgqungqutheleni YoMhlaba yamaBandla kaMoya, lokhu kwasinika ithuba elihle lokufunda kubaholi nezisebenzi zase-Europe mayelana nokutshalwa kanye nokuvuselelwa kwamaBandla.

Umbono we-M4 unikeza ugqozi kanye nentshiseko enkulu yempumelelo: Ukokhela inhlansi yokutshalwa kwamabandla okuyoholela ekutheni ngelinye ilanga kutshalwe ibandla elisha njalo ngosuku olulodwa kulo lonke elaseYurophu. Okwenza i-M4 ihluke, ukugxila kwayo emaqenjini hhayi kumuntu ngamunye. Ukutshala amabandla akubonwa njengomsebenzi owenziwa ngumuntu ongumahamba yedwana, kodwa kubonwa njengobizo okumele luphilwe emphakathini. Indlela yokusebenza igcizelela ukuthi: hhayi "mina" kodwa "thina."

Enhliziyweni ye-M4 kukhona uMyalo Omkhulu ovela kuMathewu 28:18-20. Lenhlangano enyakazayo yakhelwe emigomeni emine ewumongo: ubukhoni, uThumo, Ukuphindaphinda, kanye Nomnyakazo.

Le migomo ihlinzeka ngohlaka lokuthi baqeqesha kanjani, futhi bahlomisa babuye badedele kanjani amaqembu amasha ukuyotshala amabandla. Uhambo lokuqeqeshwa luqala ngokuhlolwa. Abangaba nekhono lokuba ngabatshali bamabandla bacutshungulwa ngendlela ehambisana nomthandazo nangokubahlaziya ezindaweni ezine ezibalulekile: ubizo, isimilo, ukubumbeka komuntu (chemistry), kanye nekhono. Lokhu kusiza ukuqinisekisa ukuthi amaqembu azilungiselele ngokomoya, aqinile ngasebudlelwaneni, futhi awuhlomele ngokoqobo umsebenzi wawo. Ngemuva kokuhlolwa, abatshali bamabandla bathola ukuqeqeshwa okuqhubekayo. Abaqeqeshi bahamba duze nabo, bebaqondisa ebuholini futhi besekela lomsebenzi wokutshala ukuze uphumelele futhi uthele ngangokunokwenzeka.

UKUBAMBA IQHAZA KWE-AFM EKOMIDINI ELIKHULU LENHLANGANO YAMABANDLA OMHLABA

IKomidi Elikhulu LoMkhandlu wamaBandla oMhlaba (WCC) lihlangana njalo ngemuva kweminyaka emibili. Umbuthano kulonyaka wenzeka kusukela mhla ziyi-18–24 kuNhlangulana kuwo lonyaka, eBirchwood Conference Centre eGoli, eNingizimu Afrika. I-WCC iyinhlangano yomhlaba yamabandla obuKristu angama-356, amele amakholwa angaphezu kwesigamu sebhiliyoni emhlabeni jikelele. Nakuba abanye abantu bekholelwa ngephutha ukuthi iholwa uPapa, iSonto LamaRoma aseKatolika alilona ilungu le-WCC.

Olunye uphawu olubalulekile lwe-M4 ukusetshenziswa kwemiphakathi efundayo. Lawa ngamaqembu asebenzisanayo lapho abaholi namaqembu behlangana khona ukuze babhekane nezinkinga ezibucayi nezinselelo zokutshala amabandla. Esikhundleni sokuthi ukuqeqeshwa kwenzeke ngokwahlukana, kwenziwa ngomoya wokwabelana ngokufunda nokuziphendulela. Iningi lohlelo lulethwa wuchungechunge lokuhlangana (internet), okwenza lufinyeleleke kalula futhi lusimamise abaholi abaningi.

Isikhathi sethu eNgqungqutheleni sasikhuthaza kakhulu. Sabona indumiso nokuzehlisa phambi kukaNkulunkulu okunamandla futhi sagqugquzelwa uthando luka-Øivind Augland, umsunguli nomholi wenhlangano ye-M4. Izikhulumi ezinjengoMark Sayers (Australia), Matt Markins (USA), kanye no-Anne Lene Otterøen (Norway) balethe ingcaciso ebalulekile ngamathuba nezithiyo ezibhekene nokutshalwa kwamabandla namuhla. Esinye sezikhathi ezathinta inhliziyo safika lapho umtshali webandla osemusha wase-Ukraine exoxa ngendaba yakhe. Naphezu kwempi nokucekelwa phansi kwezwe lakhe, yena nethimba lakhe batshala amabandla amasha ngesibindi. Ubufakazi bakhe basikhumbuza ukuqina kwevangeli namandla angenakuvinjwa komsebenzi kaNkulunkulu, ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu.

Sabuyela ekhaya sinemibono emisha nokuzibophezela okuvuselelekile ukubona imizamo yokutshala nokuvuselela ibandla le-AFM iqiniswa. Inselele ephambi kwethu iwukufaka esikufundile esimweni sethu ukuze lokhu kuzwisiseke esimweni sezwe laseNingizimu Afrika. Sifisa ukuthi i-AFM iqhubeke nokutshala nokukhulisa amabandla aletha ithemba, ukuphulukiswa kanye noguquko emiphakathini yethu. INgqungquthela ye-M4 yasikhumbuza futhi ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu mkhulu kunomuntu oyedwa noma isizwe. Uma sisebenza ndawonye ngobunye, ibandla likaJesu Kristu ngempela liba nomnyakazo wabathunywa onomthelela.

UNobhala Jikelele wamanje we-WCC nguMfundisi uProf. Jerry Pillay, onguSolwazi kwezenkolo eNingizimu Afrika noMfundisi we-United Presbyterian Church of Southern Africa. I-Moderator (usihlalo) weKomiti Elikhulu nguMfundisi u-Heinrich Bedford-Strohm we-Evangelical Lutheran Church e-Bavaria, eJalimane. Omunye wemisebenzi ebalulekile yeKomidi Elikhulu ukukhetha abaholi abangama-20 phakathi kwamalungu alo ukuze bakhe iKomidi Eliphethe, elihlinzeka ngomkhombandlela nobuholi be-WCC.

Njengengxenye yesimiso, izihambeli zazihlangene namabandla endaweni yaseGoli nasezindaweni ezilizungezile ngeSonto. Ibandla le-AFM, i- Word and Life eBoksburg, lamukela izihambeli ezivela emhlabeni wonke ngesikhathi senkonzo yalo ehlanganisa izinhlanga ezahlukene, eqhutshwa ngolwimi lwesiNgisi.

UDkt. Henri Weideman, owakhethwa eKomidini Elikhulu ngo-2022 ngesikhathi somhlangano womkhandlu eKarlsruhe, eJalimane, ukhethwe njengelungu leKomidi eliBuyekeza futhi lenze Izincomo eziphathelene nezinqubo-mgomo. LeliKomidi lidingida izindaba eziphathelene nokuphatha (governance) kanye nobulunga ngaphambi kokuba lezizinto zamukelwe yiKomidi EliKhulu. Leli komidi lancoma izicelo zobulunga be-WCC ezivela emabandleni amasha – Ezintathu kulezicelo zazivela e-Afrika nesisodwa esasivela kwelaseJalimane, kuhlanganise neandla likaMoya. Ngale kwezindaba zokuphatha (governance), i-WCC isazimisele kakhulu ukusebenzela ukuthula nobulungisa emhlabeni wonke. Izindawo zamanje zokuxoxisana zifaka izindawo ezisempini njengeDemocratic Republic of Congo, i-Sudan, i-Ukraine, i-Colombia, i-Papua New Guinea, kanye nelakwa-Israeli nelase-Palestina.

Enye yezingxenye ezibaluleke kakhulu zemihlangano yeKomidi Elikhulu isipiliyoni esibabazekayo uma kufikwa kwi-ndumiso. Ababambe iqhaza bahlanganyela emithandazweni nasezinkonzweni ngokuya ngezindlela zobu-Kristu ezahlukene zokuqhuba inkonzo futhi bajabulele ubudlelwane nezingxoxo ezenzeka ngeskhathi sokuphunga itiye nesokudla. Lezi zikhathi zinikeza amathuba okufunda, ukuxhumana, nokuqinisa izibopho kuzozonke izindlela ezahlukene, zobuKristu, zokuqhuba izinkonzo. I-AFM nayo ibe neqhaza elibonakalayo phakathi nesonto. Iqembu le-Ndumiso ebelivela kwesinye sezifunda zethu esaziwa ngokuthi yi-Ofiri (Ophir) lenza inkonzo yendumso ngesikhathi senkonzo yokuvula, kanti enye yemithandazo yakusihlwa yayiholwa yi-AFM futhi yagqamisa indlela yokukhuleka emaBandleni kaMoya. UDkt. U-Weideman ufake isandla ngokwabelana ngohambo lwe-AFM yase-Ningizimu Afrika lobunye kwi-phaneli yasekuseni ebihlaziya.

Umhlangano weKomidi Elikhulu walonyaka ube-yisikhathi esikhethekile hhayi nje ebandleni elisemhlabeni ngobubanzi balo kodwa nasemndenini we-AFM, usikhumbuza futhi ngezwi kanye nendawo yethu emsebenzini kaNkulunkulu emhlabeni wonke.

ISIPHETHO

Shumayela iVangeli, Phila iVangeli - Sekela Umlilo! Lungela ukokhelwa, ukunikwa amandla, nokuthunywa! Sijabula kakhulu ukukumemela eNgqungqutheleni Kazwelonke ye-AFM Ablaze 2025, umbuthano onamandla wamakholwa, abaholi, nezithunywa ezinomdlandla zikaKristu, ozohlangena ngaphansi kobizo olulodwa lwaphezulu - Ukushumayela Ivangeli, Ukuphila IVangeli, Nokusekela Umlilo!

Ingqikithi yalo nyaka iyinselele yokuthi sibuyele ekuhlanzekeni komyalezo we-Vangeli, ubuqotho bethu njengezithunywa, kanye nokufaneleka kwendlela yokwenza. Njengoba uPawulu ayala uThimothewu, “Shumayela iZwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso…” (2 ku-Thimothewu 4:2). Siyakhunjuzwa ukuthi lolu bizo luyaphuthuma, umyalezo akuxoxiswana ngawo, futhi isivuno sikhulu. Lokhu kungaphezu kwengqungquthela – kuyimbizo yaphezulu. Kungakhathaliseki ukuthi ungumshumayeli, ungumthandazeli, noma umakhi wombuso, woza ulungele ukuqabuleka, ukwenziwa kabusha, nokufakwa ugqozi! Lindela indumiso egcwele ngoMoya, izimfundiso eziguqula impilo, nothando olunganqamuki lweVangeli.

Bhalisa namuhla futhi uze nomunye. Woza ulungele ukuguqulwa, uhlonyiswe, futhi unikezwe intshiseko yenkazimulo Yakhe!

Yimina ngokuhlonipha ubudlelwane
U-Henri Weideman