Ukwengamela Ngendlela

Ukwengamela Ngendlela
Yibani ngabaqaphi abahle (abalondolozi, abahloli, abondli) bengcebo kaNkulunkulu – Ukukhuphula isivinini sokuqalisa ukusebenza koMyalelo Omkhulu.

Izincazelo:

Ukwengamela Ngendlela kumayelana nokusebenza kahle kakhulu ngempumelelo okuhambisana nokubophezeleka ekwenzeni izinqumo kanye nendlela ezisetshenziswa ngayo lezo zinqumo.

Ukwengamela ngendlela ebandleni kuhambisana nendlela ibandla eliphatha ngayo izindaba ezivulelekile nezangasese kanye nengcebo yalo, njengoba linjengesikhungo somphakathi.

Amagama asho okufanayo:
• Ukuba ngabaqaphi
• Ukuphatha ngendlela
• Ukubophezeleka, ukuveza obala nokukwazi ukuphatha kahle impahla yebandla, ingcebo yalo kanye nesikhathi
• Ukuba nezinhlelo ezibekiwe ezizokwandisa ukubophezeleka kwabo bonke abathintekayo ebandleni
• Uhlaka olufanele lwabaphathi kanye nokuphathwa

Amavesi Amqoka:
• Izenzo 6:3
• NgokukaThimothewu Woku-1, 3:5
• NgokukaMatewu 2:14
• KwabaseRoma 12:8
• KwabaseKhorinte Boku-1, 12:28

Umqondo woKwengamela Ngendlela ebandleni umayelana nokubophezeleka kuwona wonke amazinga ebandla ekuhlangabezaneni nezidingo zamalungu ngokuba kusetshenziswe ingcebo ekhona. Ukwengamela Ngendlela kuncike ebuholini obusebenza ngempumelelo nakwimigomo yokuziphatha ngokwesimilo. Kuqondiswe ekukhuleni nasekuthuthukisweni kwebandla, ngakho-ke kuncike kakhulu esisekelweni sokuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu.

USathane nesono usebenzela ukudala izinxushuxhushu nesiphithiphithi. Yonke into edalwe nguNkulunkulu iphila futhi isebenza ngokuvumelana nangokulingana nayo yonke indalo yakhe – kusukela ohlelweni lomkhathi womhlaba olukhulukazi kuya ezicutshini zomzimba emntwini. Empilweni esiyiphilayo emhlabeni wethu ogcwele ukona, uSathane uyohlale ezama ukuletha isiphithiphithi nokuba kungasebenzeki ngisho nasebandleni. Yingakho abanye abantu abazibheka bona bodwa bevame ukuhlamuka izinhlelo zamabandla ezihleleke ngendlela nalapho kukhona khona ukubophezeleka.

Ukwengamela ngendlela ebandleni kuhambisana nokuvuma ukuthi amakholwa akusibo abantu abahlabahlosile nabangenamaphutha kanti kuzohlomulisa kuphinde kuphephise wonke umuntu ukuqashelwa kokuzibophezela nokubophezeleka. Ngaphandle kokuvimbela abantu nangaphandle kokucindezela imizamo, ukwengamela kumayelana nokuqapha okwenziwayo kuwona wonke amazinga ebandleni.

Ukwengamela ngendlela kumayelana nokuqapha kahle abantu baNkulunkulu kanye nalokho akuthandayo. Uma impilo yomuntu inokwethembeka kuNkulunkulu futhi yethembekile nakwabanye abantu, ngeke lowo muntu abe nenkinga ngokubophezeleka nangokubeka izinto obala. Empeleni, ubuqotho buyahambisana nakho.

 UKWENGAMELA NGENDLELA

Ukusebenzisana Nomphakathi

UKUSEBENZISANA NOMPHAKATHI
Ukubandakanyeka kwebandla nezingqinamba zomphakathi wangasekhaya.

Incazelo:

“Inkambo yokulunga” kithina, isho ukwenza okulungile ngokwemigomo yeBhayibheli.

“Ukuhambisana nenhlalo-mnotho” kusho ukuzibandakanya kwethu ngendlela efana nekaKrestu ezimweni zemvelo, zezomnotho nezobudlelwano abantu nemiphakathi abazithola bekuzo.

Amagama asho okufanayo:
• Ukusiza abanye abantu ukuba bahlangabezane nezidingo zabo
• Ukufinyelela kubantu abadinga usizo
• Ukwenza okuhle kwabanye
• Ukuphakanyiswa
• Ukwenza umehluko ezimpilweni zabantu nsuku zonke
• Ukusiza uqobo lomuntu lonke

Incazelo emfishane:
Njengebandla, sigqugquzela ukwenziwa kweqiniso nobulungiswa emphakathini kanye nokuzibandakanya ngokuphelele ekuphilisweni nasekuvuselelweni kwemiphakathi yethu.

Amavesi Amqoka:
• Ngokuka-Isaya 58:6-8
• NgokukaMatewu 10:8
• NgokukaMatewu 25:35
• NgokukwaLuka 4:18
• NgokukwaLuka 14:13+14
• NgokukaJakobe 1:27

Ukuzibandakanya kwethu emiphakathini yethu kubaluleke kakhulu. Kusukela esitatimendeni sethu senhlosombono: “Sibona ibandla okungena kulo bonke abantu, sigubha ukubumbana kwethu kanye nokwahlukahlukana kwethu okudalwe nguNkulunkulu, sinika amalungu ethu amandla okunakekela nokuguqula imiphakathi yethu ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.”

Okusikhuthaza kakhulu ekubeni yisibusiso emiphakathini yethu akusikho ukuthanda ukusiza abantu noma ukugqugquzela inhlalakahle, kepha nguthando lukaNkulunkulu. Khumbula ukuthi uNkulunkulu wathumela iNdodana Yakhe – engayithumeleli ibandla kuphela kodwa umhlaba wonke. Usebenzisa ibandla lakhe ukuba libe yithuluzi lakhe lokuxhumana nomhlaba, imiphakathi yethu.

Yize ubizo lwethu luyisisekelo seSu Elilodwa Lokwenza Le-AFM, ukuhambisana kwethu nenhlalo-mnotho kubalulekile ukufeza ubizo lwethu. Izinga lomthelela esinawo emiphakathini yethu lizonquma ukuphumelela kwethu obizweni lwethu. Umthelela esinawo emiphakathini yethu ungalinganiswa ngesisho esaziwa kakhulu esithi: “Ngabe umphakathi enikuwo uyonikhumbula uma indlu yesonto ingavalwa?”

Sibuye sisebenzele emiphakathini ehlaselwe kakhulu ngoMubi. Ingxenye enkulu yomphakathi waseNingizimu Afrika ihlukumezeka ngenxa yezimo ezimbi kwezenhlalo-mnotho. Ngisho ngabe izizathu zalesi simo ngezintsha noma ngezakudala, ibandla soze lamela kude bese lisola uhulumeni noma izinhlangano ezigqugquzela inhlalakahle. Uma singasiza noma senze abantu ukuba bakwazi ukuzisiza, kungabe senze into encomeka kakhulu. Ibandla kumele lisize abantu abanjalo ngokubanakekela, ngokubanikeza amandla nangokubabela.

Uma sizibandakanya kwezenhlalo-mnotho, kumele singabenzi abantu ukuba bangabe besakwazi ukuzimela. Lokhu kudala ukuba bazibone benelungelo lokukhangezwa izinto – Indlela yokucabanga esisabalele kakhulu lapha eNingizimu Afrika. Sidinga ukunikeza abantu amandla ukuze bakwazi ukunakekela izimpilo zabo nekusasa labo – ngamanye amazwi, basize abanye ukuba bahlangabezane nezidingo zabo. Uma singasiza abantu ngoqeqesho olunenjongo kanye nangokudala imisebenzi, siyobe senze kahle.

Akhona ngempela amabandla ambalwa emiphakathini yethu anezindaba ezinhle ezimayelana nempumelelo angazixoxa mayelana nalokhu.

 

 UKUSEBENZISANA NOMPHAKATHI

Ukunikeza Amandla

UKUNIKEZA AMANDLA
Fundisa, qeqesha futhi uhlomise amalungu akho.

Incazelo:
“Ukuhlomisa abangcwele (amalungu) ukuze bafeze ubizo lwabo kanye nezipho neziphiwo ezivela kuNkulunkulu.”

Amagama asho okufanayo:
• Ukufundisa
• Ukuhlomisa
• Ukuqeqesha
• Ukubonisa
• Ukuthemba+ukukhulula (ukuthuma)
• Ukuqeqesha+ukulolonga

Amavesi Amqoka:
• Kwabase-Efesu 4:11+12
• NgokukaMatewu 28:19 (“…nibafundise…”)
• NgokukaThimothewu Wesi-2, 2:2

Ukunikezwa kwamalungu ethu amandla kucaciswe ngokusobala njengengxenye yenhlosombono yethu: “Sibona ibandla okungena kulo bonke abantu, sigubha ukubumbana kwethu kanye nokwahlukahlukana kwethu okudalwe nguNkulunkulu, sinika amalungu ethu amandla okunakekela nokuguqula imiphakathi yethu ukuze kudunyiswe uNkulunkulu.” Esinye sezizathu ezimqoka ezidala ukuba amakholwa abizelwe enkonzweni, ngukuba anikezwe amandla (athuthukiswe).

Ukunikezwa amandla kuhambisana noMyalelo Omkhulu. “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya ONgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (NgokukaMatewu 28: 19) Ukwenziwa abafundi kusho ukunikezwa amandla. Esikhathini lapho ulwazi oluvamile mayelana nemigomo yoMbuso Wezulu nokuba ngabalandeli baKrestu sekuyimvelakancane futhi sekungasabalulekile, i-AFM kufanele igcizelele ukubaluleka kokunikezwa amandla.

Ivesi elisesemqoka kulokhu ngabase-Efesu 4:11+12: “Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye ngabaprofethi, abanye ngabavangeli, abanye ngabefundisi nabafundisi; Ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKrestu.” (Kanye nabaseKhorinte Boku-1, 12: 27+28) Siyayivuma le misebenzi yenkolo ehlomisanayo. Imisebenzi yayo ngukuhlomisa/ ngukunikeza amandla abangcwele emsebenzini wabo wezenkolo.

Kubalulekile ukwakha isimo sendawo nosiko lapho amalungu “avamile” enza khona imisebenzi yawo njengamalungu “ayisimakade” omzimba kaKrestu. Ilungu ngalinye kumele lazi ukuthi libizwe nguNkulunkulu ngokulinganayo nabanye kanti lineziphiwo ezithile ukufeza inkonzo yalo. Yiwo la malungu aphila futhi asebenza ezindaweni zesimanjemanje zokuhweba. Kumele anikezwe amandla futhi ajutshwe ukuba abe ngofakazi baKrestu eduzane nakude. Injongo yethu kanye nobubanzi bohlelo lwethu lokunikeza amandla akusilo iphutha.

Ekunikezeni amalungu ethu amandla, sizokwenza konke okusemandleni ngokulandela indlela kaJesu yokunikeza abafundi bakhe amandla. Waqala wachitha isikhathi sakhe ebafundisa. Lokhu kwalandelwa ngukubabonisa ukuthi “benze kanjani”. Ube eseqhubeka ngokubenza ingxenye yomsebenzi wenkolo – njengokwandisa izinhlanzi nezinkwa. Igxathu elilandelayo kwaba ngukubathumela ukuba bayozisebenzela bona ngokwabo. (NgokukaLuka 9:1+2) Uma behluleka noma benza amaphutha, wayebaqondisa – njengodaba lwendodana eyayinemimoya emibi. (NgokukaMarku 9:14-29) Lapha yilapho umsebenzi obalulekile wokulolonga nokuqeqesha ungena khona. Sebeqeqeshiwe, waqinisekisa ukuthi bagcwaliswa ngoMoya ONgcwele ngaphambi kokuba bathunyelwe ezweni. (NgokukaLuka 21;49, Izenzo 1:8) Bese benza okufanayo nabasanda kuphenduka. (NgokukaMatewu 28:19 kanye nangokukaThimothewu 2:2)

Ukunikeza amandla kwenzeka ngezindlela ezahlukahlukene nasemazingeni ahlukahlukene. Kumele kukhunjulwe njalo ukuthi inhloso enkulu yohlelo lethu ngukwenza abafundi beqiniso, izithunywa ezingabaphostoli, abakwaziyo ukufeza i-Missio Dei – iNjongo KaNkulunkulu. Kumele iyekwe indlela yakudala yokubona amalungu njengabantu abangesilutho bese kuthi abafundisi babonwe njengokuyibo “ababiziwe”. Lonke ilungu kumele lazi ukuthi nalo libizwe ngokulinganayo nguNkulunkulu, nokuthi libizelwe ukuba ngofakazi baKrestu ngokwempilo nangokwemisebenzi yalo. Nawo ngokulinganayo ayingxenye eyisimakade yomzimba kaKrestu.

 

 UKUNIKEZA AMANDLA

Ubumbano Lwamabandla

AMABANDLA KAKRESTU AHLUKAHLUKENE
Yazi ukuthi asilona ibandla, kodwa siyingxenye yebandla – Yiba nomqondo woMbuso Wezulu.

(Kususelwa egameni lesiGriki elithi oikoumene, elisho ukuthi “umhlaba wonke nokugcwala kwawo”)

Amagama asho okufanayo:
• Okufaka konke
• Okuhlanganisa konke
• Okungakhethi amabandla
• Okwenziwa nguwonkuwonke

Incazelo:

Injongo yokugqugquzela ubumbano emabandleni ahlukahlukene amaKrestu imayelana nokwazi, ukuhlonipha nokubambisana emzimbeni kaKrestu.

Injongo yokugqugquzela ubumbano emabandleni ahlukahlukene amaKrestu isho imizamo eyenziwa ngamaKrestu anamasiko ahlukahlukene eyenzela ukwakha ubudlelwane obusondelene kanye nokuqonda kangcono. Ingaphinde isetshenziswe nakunoma yimuphi omunye umzamo ogqugquzela ukubambisana okukhulu kwamaKrestu.

Amavesi Amqoka:
• NgokukaJohane 17: 20+21
• Kwabase-Efesu 4:3
• NgokukwaLuka 9:50
• Isambulo 5:9

Umbutho WamaPhentekoste awemukelekanga kahle emabandleni akudala ngasemashumini-minyaka okuqala ngenkathi efika, ngasekuqaleni kwekhuluminyaka lama-20 (20th century). Lokhu kwadala ukuba ubudlelwane bamabandla kaKrestu ahlukahlukene buphazamiseke. Nakuba kunjalo, emashumini-minyaka ambalwa edlule, kwaba khona ukuqapheleka kwamaPhentekoste angumndeni omkhulu kaNkulunkulu. I-Bible Society kanye nama-Chaplains Services acenta indlela ngandlelathize.

Sigqugquzela ubuqotho ebudlelwaneni bethu namanye amabandla. Umzimba kaKrestu osabalele kumele uhlonishwe. Vele asilona ibandla likaJesu Krestu ELIKHETHEKILE kodwa siyingxenye yebandla laKhe. Umkhuleko kaJesu encwadini kaJohane 17:20+21 akumelwe uthathwe kancane: “Angiceleli laba bodwa kepha nalabo abakholwa yimi ngezwi labo; ukuba bonke babe munye; njengalokhu wena Baba ukimi, nami ngikuwe, ukuba nabo babe kithina; ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile.”

Sigqugquzela abefundisi namalungu ase-AFM ukuba bangabi ngabakhethekile kodwa babe nomqondo woMbuso Wezulu. Ukubeka phambili umbuso kaNkulunkulu akusho ukwethembeka kuphela ebandleni lakho. Okubaluleke ukwedlula ukwanda kwebandla lami ngukubona uMbuso KaNkulunkulu ukhula. UMbuso KaNkulunkulu awuvuzi lutho uma amalungu ebandla esuka kwelinye ibandla eya kwelinye.

Ngokwezinga lomhlaba wonke kanye nelezwe, i-AFM iyingxenye yamabhodi amaningana amabandla kaKrestu ahlukahlukene. Siyafisa ukukubona lokhu kwenzeka nakwamanye amazinga. Njengalokhu abefundisi bethu abaningi bezibandakanye nezinhlangano zobudlelwane babefundisi, sigqugquzela abefundisi bethu namalungu ethu ukuba bazibandakanye namanye amakholwa futhi babambisane ngazo zonke izindlela. Izinhlelo eziningi zokufinyelela kubantu ezindaweni esikuzo zizophumelela kakhulu uma amabandla ebambisana. Imigubho ethize ekhalendeni lebandla, njengoSuku Lomenyuko noKhisimusi kungagujwa ndawonye. Kungenziwa okufanayo ngemisebenzi yokufinyelela emiphakathini.

Akukho ngisho nelilodwa ibandla elinganqoba idolobha noma idolobhakazi elikulona lisebenza lodwa. Ngesisekelo sethu sokuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu, kumele sikhumbule amazwi kaJesu: “Kepha uJesu wathi kuye, ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.” (NgokukaLuka 9:50) Siphambana nomgomongqangi webandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu uma amabandla eshayisana. Asikwazi ukuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu ngokweqiniso uma sishaya indiva ingxenye enkulu yomzimba kaKrestu.

Siyingxenye yesizukulwane esingasakuboni kuyinto ebaluleke kakhulu ukuhluka kwethu ngokwemigomo. Ubudlelwano yibo obubalulekile. Kuyinto enhle kakhulu uma incazelo itholakala ebudlelwaneni nasemqondweni wokubumbana phakathi kwabaholi namabandla endawo – “Ukuze izwe likholwe ukuthi wena ungithumile…” (NgokukaJohane 17:21)

 UBUMBANO LWAMABANDLA

Ukuba Ngumfundi

Ukuba ngumfundi
Yiba ngumlandeli kaKrestu-Yenza abalandeli baKrestu.

Amagama asho okufanayo:
▪ Umlandeli, isitshudeni, umfundi, oqeqeshwayo.
▪ Yiba yisibonelo ngokuba ngumlandeli weqiniso kaKrestu.
▪ Fundisa amalungu ukulandela uJesu nokuba afane noJesu.
▪ Yakha isimilo esifana nesikaKrestu kuwo wonke amalungu.

Izincazelo ezimfishane:

“Ukuba ngumfundi kusho indlela yempilo yekholwa yokufunda, yokuqeqeshwa, yokudlondlobala kanye nokuthuthuka okwenzeka kungahleliwe noma ngokwenhloso, nokuyilapho ikholwa, ngokusebenza kukaMoya ONgcwele, liqhubeka nokuveza ubukhona bukaJesu Krestu empilweni yalo ngokweqiniso.”

“Umlandeli woqobo kaJesu Krestu ngenkathi esaphila.”

Amavesi Amqoka:
▪ NgokukaMatewu 28:19
▪ KwabaseKhorinte Boku-1, 11:1
▪ KwabaseGalathiya 4:19
▪ Izenzo 1:8
▪ KwabaseKhorinte Besi-2, 3:18
▪ KwabaseGalathiya 5:22

Ukuba ngumfundi soze kwahlukaniswa noMyalelo Omkhulu, nokwenza kube yinto ebaluleke kakhulu futhi okuyisu okugxilwe kulo eSwini Lethu Elilodwa Lokwenza Le-AFM. Amazwi kaJesu mawazwakale ezindlebeni zethu: “Ngakhoke, hambani nenze izizwe zonke abafundi…” (NgokukaMatewu 28:19). UMyalelo Omkhulu awugcini nje ngokushumayela iVangeli nokuphendula abantu. Labo bantu asebephendukile kumele benziwe abafundi. Uma kungenjalo, kusho ukuthi asikenzi lutho ngoMyalelo kaJesu.

Ukuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu ngokweqiniso kudinga abafundi beqiniso, nanjengoba ukuba namalungu ebandla angabafundi beqiniso nako kusho ukuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu. Ngaphandle kwalokhu okunye, ngeke kube khona nalokhu okunye.

Umuntu kumele abe ngumfundi yena kuqala ukuze akwazi ukwenza abanye babe ngabafundi. (KwabaseKhorinte Boku-1, 11:1) Lokhu kusho ukuthi lowo muntu usemamukele uJesu njengeNkosi noMsindisi. Baningi abamthandayo uJesu njengomuntu oyisibonelo esihle kakhulu nochaza ngokunothile ukuthi ngonjani umuntu ohlabahlosile (njengo- Mohandas Ghanddi), kodwa ungaba ngumfundi kaJesu kuphela uma esebe nguMsindisi/nguMhlengi wakho. Ukuba ngumfundi kuqala ngokuhlengwa.

Inhloso yokuba ngumfundi ngukuziphatha nokucabanga ngendlela uKrestu ayeziphatha ngayo kube ngokwemvelo yakho, ngamanye amazwi, ngukuveza kakhulu ubukhona bakhe, uthando lwakhe, ukuphila kwakhe kanye namandla akhe. (KwabaseGalathiya 4:19)

Ukuba ngumfundi kusho ukunikezwa amandla. Yingakho futhi asebephendukile kumele nakanjani babhabhadiswe ngokukaMoya ONgcwele. (Izenzo 1:8) Impilo eholwa nguMoya ikhiqiza izimpawu zokufana noKrestu ngaphandle kokukuhlela lokho. (KwabaseKhorinte Boku-1, 3:18) Lokhu kuyingxenye yezithelo zikaMoya. (KwabaseGalathiya 5:22)

Ukwehluleka ukukhiqiza abafundi beqiniso baKrestu, kungaba yisona sici esikhulu sebandla kanti kungenzeka kube yisona sizathu esidala ukuba izwe lethu libe namazinga obubi angemukelekile ngale ndlela kanye nokungabikhona kobulungiswa kwezokuhlalisana kwabantu, kweziphathelene nocansi kanye nobubi babantu nje ngabodwana – yize kunenani eliphezulu kangaka lamaKrestu. Baningi abazibiza ngamaKrestu kodwa bambalwa abangabafundi baKrestu.

Ibandla nemisebenzi yalo alikwazi ukusindisa abantu – nguNkulunkulu kuphela ongenza lokho. Kodwa sinikwe nguNkulunkulu ijoka lokukhiqiza abafundi, abangabalandeli boqobo baKristu, sibaholele ekukhuleni. (Kwabase-Efesu 4:12). Lokhu kwenzeka ngokushumayela nangokufundisa, ngempilo eyisibonelo kubaholi, ngokulolonga nangokuqeqesha okwenzeka ngokwengqikithi yobudlelwane beqiniso nobuqatha. Ukukhiqiza abafundi baJesu beqiniso kuyinselelo enkulu – kusukela emabandleni amancane kuya kwamakhulu.

 UKUBA NGUMFUNDI

Ibandla Elihunyiweyo

YINI UKUBA MISSIONAL (UKUSEBENZELA UKUFEZA INJONGO KANKULUNKULU)?
Njengomlandeli kaKrestu, mubonakalise kuwe yonke indawo!
Lonke ilungu le-AFM libizelwe ukuba ngufakazi kaKrestu!

Izincazelo ezisho okufanayo:
▪ “Ukuba” yibandla kuhambe kudlulele ngale kokuba “yizindonga zesonto”.
▪ Amalungu abizelwe ukuba ngofakazi baKrestu.
▪ Amalungu abizelwe ukumela uKrestu ngokuphelele emiphakathini yawo.
▪ Amalungu ayazi ukuthi ayizithunywa zoMbuso Wezulu.

Incazelo:
“Ibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu yibandla olungu ngalinye lakhona lizibona liyingxenye esebenzayo yomzimba kaKrestu, elibizwe futhi lithunywe nguNkulunkulu ukuba libe ngukukhanya nosawoti kuphi nakuphi lapho lifika khona.”

Amavesi Amqoka:
▪ NgokukaMatewu 28:19
▪ NgokukaMarku 16:15
▪ NgokukaJohane 20:21
▪ Izenzo 1:8

Igama elithi MISSIONAL (UKUSEBENZELA UKUFEZA INJONGO KANKULUNKULU) yigama elisha kodwa kubalekile ukuqonda incazelo yalo yangempela njengoba lingeyona enye yezinto ezingamasu i-AFM egxile kuwo, liyisisekelo okwakhelwe kuso isu lethu lobuhlakani. Ukusebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu yisona sizathu sobukhona bethu, iDNA (izicubu zomzimba zofuzo) yebandla lethu kanye nenjongo yethu yokuhlengwa ecacile. Njengoba igama elithi “missional” nalo lalingasetshenziswa kumbe lalingaziwa ngezikhathi zethu zangasekuqaleni, isizukulwane sokuqala samalungu ase-AFM sasisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu okwangempela ekuphileni kwabo kwansuku zonke. Kuqoshwe ngisho nasegameni lethu.

Sidinga ukuba sibuye sizifune futhi sizihlelembe kabusha sihambisane noMyalelo Omkhulu WeNkosi Yethu UJesu Krestu: NgokukaMatewu 28:19: “Ngalokho hambani nenze izizwe zonke abafundi, nibabhabhadise egameni likaYise neleNdodana nelikaMoya ONgcwele, nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” NgokukaMarku 16:15 “Wayesethi kubo, “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo.” NgokukaJohane 20:21: “Njengokuba uBaba engithumile, nami ngiyanithuma.” Izenzo 1:8 “Kodwa nizokwamukeliswa amandla, uMoya oNgcwele esefikile phezu kwenu, nibe ngofakazi bami eJerusalema, naseJudiya lonke, naseSamariya kuze kube sekugcineni komhlaba.”

Ekubeni yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaKrestu, kumele kugcizelelwe amaphuzu amathathu angamaqiniso:

1 – uNkulunkulu uyiso ngempela iSithunywa Esikhulu. Nguye “Owathuma” kuqala kanti futhi nguye “Owathunywa” kuqala – Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela…” (NgokukaJohane 3:16) Igama lezenkolo lithi: Missio Del – okusho ukuthi iNjongo KaNkulunkulu. Leli yiqoqo lokubalulekile kanye nesamba esiphelele somsebenzi wokuhlenga. UYise wathuma iNdodana Yakhe; uYise neNdodana bathuma uMoya ONgcwele; uYise, iNdodana noMoya ONgcwele bathuma ibandla. Encwadini kaJohane, iyodwa nje, sifunda ngoJesu ethunywa ezindaweni ezibalelwa cishe emashumini amane. Encwadini kaJohane 20:21, uJesu akaziboni engothunyiwe kuphela, kodwa uphinde azibone engothumayo: “Njengokuba uBaba engithumile, nami ngiyanithuma.” Kubalulekile ukuba thina njengebandla, sizibone thina – singabodwana futhi siyigxenye yeningi – sithunywe yiSithunywa EsinguNkulunkulu. Kubalulekile ukwazi ukuthi uMyalelo Omkhulu KaJesu awunikezwanga kwabakhethiwe abambalwa, ekomidini noma kwabathile “abanomqondo wokuba yizithunywa ezisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu” ebandleni, kodwa wanikezwa emzimbeni wonke wamakholwa – akukho kholwa elishiywe ngaphandle!

2 – Ibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu liqhathaniswa nebandla “elihlose ukuheha”. (Lizwelana Nabangakamazi uKrestu) Inkonzo akufanele kube yiwona mongo wokuxhumana nalabo abangaphandle kwesonto – ikakhulukazi kwingqikithi yesikhathi lapho ibandla lingasayidlali indima emqoka emphakathini njengakuqala. Yize ingekho inkinga ngokuheha abantu ukuba beze esontweni nokubemukela ngobungane nangozwelo abangakamazi uKrestu, ibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu lizihlupha kakhulu ngokuthuma abantu asebengaphakathi enkonzweni ukuba baye kubantu abangaphandle ezweni, kunokulanda abantu abangaphandle ezweni ukuba bazoba yingxenye yebandla. Inselelo elinayo ehamba phambili akusikho ukuletha abantu abaningi esontweni (esakhiweni), kodwa ukuba nebandla elikhulu ebantwini basemhlabeni. Ukudayisa nokuthenga kuba yiyona nto elixhumanisa nabantu abangasindisiwe kunokuba kube yinkonzo. Indlela yethu yokuthi “wozani nizobona” kumele ishintshe ibe ngethi “hambani niyoba”.

Okwakubaluleka kakhulu emsebenzini kaJesu kwakungesilo ibandla/kwakungagxilile ethempelini kanti futhi kwakungenzeki emathempelini nasemasinagogweni:
1 – Wabiza abafundi bakhe – akababizanga besethempelini noma wabakhetha ezazini zezifundo zezenkolo kumbe ebaholini bezenkolo, kodwa wababiza besemsebenzini – bedoba futhi beqoqa intela. – (NgokukaMatewu 4:19, NgokukaLuka 5:27+28)
2 – Isifundo sakhe esimqoka maqondana noMbuso Wezulu (Intshumayelo yasentabeni) asizange sethulelwe ethempelini kodwa sathulelwa ngasentabeni. (NgokukaMatewu 5:7)
3 – Izimangaliso eziningi azenza wazenzela emizini yabantu nasezindleleni.
4 – Wavakashela izindawo ezazigcwele usizi nobuhlungu – eBethesda. (NgokukaJohane 5:1-8)
5 – Wayegoba agone abantwana abancane emigwaqweni yaseJerusalema. (NgokukaMatewu 19:13-15)
6 – Wayemnene ezonini kodwa enonya kubazenzisi kwezenkolo. (NgokukaMatewu 23:1-39)
7 – Wayengayibalekeli imicimbi – eKhana. (NgokukaJohane 2:1-12)
8 – Abanye wayehlanganyela kanye nabo emisebenzini yabo – (NgokukaLuka 5:1-6)
9 – Wenza eminye yemisebenzi yezenkolo ngaphesheya kwemingcele wangena ezweni angalazi elalenza imilingo enzima, nalapho kwakubusa khona uhlanya olwalunamadimoni, abantu bakhona baMncenga ukuba ahambe. (NgokukaMarku 5:1-20)
10 – Wathinta abangathintwa (amalephere) wathanda abangathandwa (abaqoqi-ntela – NgokukaLuka 5:12+13)
11 – Wayishaya indiva imingcele yamasiko, yobulili nobuhlanga (UMsamariya olungileyo emthonjeni – NgokukaJohane 4: 1-10)
12 – Wayencokola nezoni – kwathiwa “ngumngani wezoni nowababaqoqi-ntela, isidakwa nesiminzi.” (NgokukaMatewu 11:19) Lezi kwakuyizinhlobo zabantu ayehlanganyela nazo.

Indlela yokuheha isebenza kangconywana lapho abantu bakhona ngokujwayelekile bezihlanganisa nezenkolo – njengasezingxenyeni eziningi zase-Afrika. Usiko lasemazweni aseNtshonalanga lona seludlulele ngaphambili kwesikhathi sobuKrestu, kanti indlela yokuheha khona seyiphelelwe isikhathi futhi ayisenamsebenzi. Kunokuhlukana phakathi/uqhekeko olwandayo phakathi “kwebandla” ne”zwe.” KuKrestu, uNkulunkulu (Izwi) “waba yinyama”. Lokho sikubiza ngokuthi yi-”incarnation” (ukumbozwa ngomzimba wobuntu). Ukuba “ngosebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu” kusho ukuthi amaKrestu (ibandla), ngokomqondo othathelwe egameni, azoba nguKrestu osembozwe ngemizimba esemiphakathini yethu. (Lokhu kungaphinde kusetshenziswe njengenye incazelo yekholwa elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu.)

3. Ukuba yibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu kusho ukuthi sizibandakanya ngokuphelele kwi-Misio Dei, noma enjongweni kaNkulunkulu.
Ezikhathini eziningi, sivame ukucabanga ukuthi umsebenzi osemqoka kaNkulunkulu usebandleni, esikhundleni sokubona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu usemhlabeni, kanti ibandla yithuluzi elithunyelwa emhlabeni ukuba yingxenye yenjongo yakhe yokuhlenga. Empeleni kunezinhlobo ezintathu zamabandla: 1 – Amabandla angenantshisekelo kumbe angazibandakanyi nokunqoba imiphefumulo elahlekile; 2 – Amabandla anohlelo lokuphuma ayoshumayela ivangeli; 3- kanye namabandla asebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu. Lokhu kwehluka okukhulu kucacisa umehluko phakathi kwebandla elinohlelo lokuphuma liyoshumayela ivangeli kanye nelisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu. Ibandla elinohlelo lokuphuma liyoshumayela ivangeli libona lokho kuyinto eyodwa ehambisana nezinye izinto ezibaluleke ngokufanayo ebandleni. Ibandla elisebenzela ukufeza injongo kaNkulunkulu lona ligxile emisebenzini yalo yonke maqondana nokuzibandakanya kwalo nenhloso kaNkulunkulu ngomhlaba. Konke okwenziwayo kwebandla kumele kugxile futhi kuhlelwe ngokuhambisana neMissio Del. Uma ibandla liqhathaniswa nesondo, ukushumayela ivangeli akusizona izinti zesondo – ihabhu, isigaxa sesondo. Konke kumele kuxhunywe kusona.

YiMissio Dei/ injongo kaNkulunkulu eyenza ukuba kube khona ibandla. Ngamanye amazwi, ngeke sisakwazi ukubona ibandla njengalapho kumele kuqalwe khona uma sicabanga ngenjongo. Esikhundleni salokho, ibanlda kumele libonakale lingumphumela wenjongo kaNkulunkulu. Ngamagama omfundi wezenkolo obheka isijubo, umyalezo, nenjongo, uDavid Bosch: “Akusilo ibandla elizithwalisa injongo; yinjongo kaNkulunkulu eyakha ibandla.” Uma kubekwa ngenye indlela ethe ukwehluka; “akubalulekile ukuthi uNkulunkulu unenjongo ngebandla lakhe emhlabeni, kodwa okubalulekile wukuthi uNkulunkulu unebandla elizosebenzela ukufeza injongo yakhe emhlabeni. (NguChristopher Wright)

 

 IBANDLA ELITHUNYIWEYO

Imigomo ye AFM

1. Ubuqotho. Ubuqotho bumayelana nokuba qatha kanye neqiniso. Bumayelana nokuba nesimilo esiphelele. Njengabaholi bezikamoya, mina nawe kumele sibe ngabokuqala ababonisa ubuqotho. Ngeke sakwazi ukufundisa uma singayenzi leyo nto esiyifundisayo. Umsebenzi wethu kumele ukubonise lokho. Kumele sikhulume ngento esiyenzayo. UNkulunkulu angamenzela izinto eziningi umuntu ongekho ngcwele – kodwa ngeke amenzela lutho ongumkhohlisi. Imisebenzi yethu kumele ibe ngeyeqiniso. Izimpilo zethu kumele zibe ngezeqiniso. Amakholwa angasuka okholweni ngezindlela eziningi, kodwa uma kulimele ubuqotho, ayikho enye into engavala isikhala sabo.

2. Ubudlelwane. Into encikene kakhulu nobuqotho ubudlelwane – ubudlelwane obujulile nobunobuqiniso. Siphuma esikhathini ebesinokuhlukana ngokobuhlanga, uma ubheka ukuthi kunokushayisana osekuqhamuka futhi ezweni lethu, kubalulekile ukuba siqinise futhi sinakekele ubumbano esiluphiwe nguNkulunkulu. Ubudlelwane bethu namalungu omndeni, nesisebenza nabo kanye namalungu ebandla bubaluleke kakhulu. Akulula ukwakha ibandla eliphilile ngaphandle kobudlelwane obujulile. Sicela nikwenze lokhu futhi nikufundise abantu benu.

3. Ukubophezeleka. Nginesiqiniseko sokuthi niyafuna ukukubona lokhu emalungwini enu. Kodwa-ke futhi, lokho kuqala ebaholini bethu. Asisibo abantu abahlukanisiwe nabanye abangenamsebenzi ngomunye nomunye. Njengamakholwa, sibophezeleke kuNkulunkulu kuqala, kodwa iqiniso ngukuthi iBhayibheli nalo liyakucacisa ukuthi sibophezelekile nakomunye nomunye. Esikhathini esikuso, lapho ukuzimela ngawedwana kungokwenani eliphezulu, esontweni ukubophezeleka akuxoxiswana nokuxoxiswana ngakho. Ukukushaya indiva lokhu, kuholela ekuzidicileleni phansi. Kumele siqonde kahle ukuphathwa. UNkulunkulu ubeke ukwakheka kokuphathwa emshadweni, emndenini, esontweni nasezweni. Wonke umuntu kumele abe nomuntu abophezeleke kuyena. Nawe awukwazi ukushaya umthetho uma kungekho lapho oshayelwa khona umthetho.

4. Ukwenzisisa kahle. Siyakholwa ukuthi yonke into esiyenzayo kumele siyenze sengathi senzela uNkulunkulu? Ngabe izimpilo zethu noma umsebenzi wethu wezenkolo uyakufakazela lokhu? Njengabaholi, sibophezekile ekwenzisiseni kahle esontweni nasemisebenzini yethu. Kungumgomo okumele siwufundise futhi siwubonise kubantu bethu. Ubuphofu akusiyo into esingavika ngayo sithi asikwazi ukwenzisisa kahle. Ukwenzisisa kahle kumele kube injongo yethu futhi kube yindlela yethu yokwenza. Izinga elivamile alanele kahle hle.

 IMIGOMO YE-AFM